Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 19:5 - IsiZulu 2020

5 Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali, ukuze bashise ngomlilo amadodana abo, abe yiminikelo yokushiswa kuBhali, engingakuyalanga, engingakhulumanga ngakho nokungangenanga enhliziyweni yami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukushisa amadodana abo ngomlilo, abe yiminikelo yokushiswa kuBali, engingakuyalanga, nengingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukuze bashise amadodana abo ngomlilo abe ngumnikelo wokushiswa kuBali, engingabayalanga ngakho, engingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 19:5
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Badabulisa amadodana namadodakazi abo emlilweni, babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaSimakade, ukuchukuluza ulaka lwakhe.


Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wabhula, wavumela abanamadlozi nabathakathi. Wenza okubi okuningi phambi kukaSimakade, wachukuluza ulaka lwakhe.


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa amadodana akhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali esigodini sendodana kaHinomu, ukuba badabulise khona amadodana namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engangingazange ngibayale ngakho, nokungazange kungene emqondweni wami ukuthi bangenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: Ngenxa yokuthi inkanuko yakho ithululiwe, nobunqunu bakho bembuliwe ngobufebe bakho nezithandwa zakho, nangenxa yazo zonke izithombe zakho eziyizinengiso, nangegazi labantwana bakho owanikela ngalo;


Ngabangcolisa ngeminikelo yabo ngokudabulisa emlilweni wonke amazibulo, ukuze ngibesabise, yikhona bezokwazi ukuthi nginguSimakade.’


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku kufike imizindlo enhliziyweni yakho, bese uceba amacebo amabi.


“Wena-ke, nkosi, imicabango yakho nokuyakuba khona emva kwalokhu, yafika kuwe usembhedeni wakho; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona.


“ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


Kwathi ekuseni uBhalaki wathatha uBhileyamu, benyukela eBhamothi Bhali, elapho wabona ingxenye yabantu bakwa-Israyeli.


Awuyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba zonke izinto uSimakade azenyanyayo zizenzile lezi zizwe, zenzela onkulunkulu bazo, zibashisele ngisho amadodana namadodakazi azo emlilweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ