Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 18:20 - IsiZulu 2020

20 Okuhle kuyaphindiselwa yini ngokubi na? Nokho bangimbele umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho; ngakhuluma okuhle ngabo, nokunqanda ulaka lwakho kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ingabe ububi buyobuyiselwa ngokuhle? ngoba bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kwakho ukubakhulumela kahle, ngisuse ulaka lwakho kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 18:20
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nenza unkatho ngentandane, nithengisa ngomngani wenu.


Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.


Izikhohlakali zicuthele ukungibhubhisa, kodwa mina ngigcina ubufakazi bakho.


Okuhle engikwenzile bakubuyisela ngokubi, inhliziyo yami bayiswabisile.


Ngokuba bangakhele ugobe ngaphandle kwesizathu, bayimbele umgodi impilo yami ngaphandle kwesisusa.


abaphindisela okuhle ngokubi, bengethwesa icala, ngokuba mina ngenza okulungileyo.


Izinyathelo zami bazicuphe ngogibe, umphefumulo wami udangele, bangimbele umgodi, kwakhalakathela bona kuwo. Sela


Umba umgodi, usewumbile; ukhalakathela emgodini abewumbile.


Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyukusuka endlini yakhe.


Omba umgodi uyakuphonseka kuwo, nogingqa itshe liyakubuya ligaye yena.


Umuntu ombela omunye umgodi uyokhalakathela kuwo; nalowo odiliza udonga uyolunywa yinyoka.


“Ngalokho-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabenzeli izinxuso; ungabakhulekeli, ngokuba angiyukubalalela mhla bekhala kimi ngenhlekelele yabo.


Simakade, siyabazi ububi bethu nokona kokhokho bethu, ngokuba sonile kuwe.


USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.


Mabajabhiswe abangizingelayo, kodwa mina mangingadunyazwa; behlisele ngosuku lwenhlekelele, ubabhubhise ngokubhubha okuphindiweyo.


Simakade, ngilalele, uzwe izwi labamelene nami.


Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho uthumela kubo abaphangi ngokuzumayo, ngokuba bambile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.


Uma-ke bengabaphrofethi, nezwi likaNkulunkulu likubo, mabanxuse kuSimakade Wamabandla, ukuba izitsha ezisasele endlini kaSimakade, esigodlweni senkosi yakwaJuda, naseJerusalema zingayi eBhabhele.


“Ababi bafunyanwa phakathi kwabantu bami, bayaqamekela njengabacupha inyoni, babeke ugibe, ukuba babambe abantu.


“Wena-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabancengeli, ungakhuleki ubakhalela, ungabanxuseli kimi ngoba angiyukukulalela.


Simakade, ukubonile okubi okwenziwe kimi; yehlulela, ungimelele.


UJesu wathi kubo: “Nginikhombisile imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yiwona muphi eningikhandela wona ngamatshe na?”


Kepha ukuze kugcwaliseke izwi elilotshwe emthethweni wakubo elithi: ‘Bangizonda ngeze.’


UJonathani wakhuluma kahle ngoDavide kuyise uSawule, wathi kuye: “Inkosi mayingenzi okubi encekwini yayo uDavide, ngoba ayonanga lutho kuwe. Imisebenzi yayo ekwenzele yona mihle kakhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ