Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 18:17 - IsiZulu 2020

17 Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane, hhayi ubuso, ngosuku lwenhlekelele yabo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane kungabi ngubuso ngosuku lwengozi yabo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngiyakubahlakaza njengomoya wasempumalanga phambi kwesitha; ngiyakubukisa umhlane wabo, hhayi ubuso babo ngosuku lobubi babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 18:17
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umoya wasempumalanga uyakumphephulela phezulu, umphephule asuke endaweni yakhe.


Ngomoya wasempumalanga, waphula imikhumbi yaseTharishishi.


ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.


“Ngakho-ke ngiyakubasakaza njengamakhoba epheshulwa ngumoya wasehlane.


abathi emthini: ‘Ungubaba,’ nasetsheni, bathi: ‘Wena wangizala.’ Bangifulathele, abangibheki, kepha kuyothi ngesikhathi senhlekelele, bathi: ‘Vuka, usisindise.’


Nakuba ngabafundisa, ngabaxwayisa ngiphindelela, nokho bangifulathela, abazange babheke kimi, abazange bangilalele futhi kabakwemukelanga ukuyalwa.


Ngisho namabutho alo aqashiwe, aphakathi kulo, anjengamathole akhuluphalisiweyo; nawo aphenduka abaleka kanyekanye, awazange eme ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selufikile; isikhathi sokujeziswa kwabo.


Abagwedli bakho bakuyisa emanzini amaningi; umoya wasempumalanga wakuphahlaza phakathi kolwandle.


Ngiyakubufulathelisa ubuso bami kubo, bayingcolise indawo eyigugu lami; kuyakungena kuyo abaphangi, bayingcolise.


“Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.


“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.


“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo lusuku, ngiyakubashiya, ngibafulathele; bayakudliwa, behlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo lusuku: ‘Lezi zinhlupheko azisehlelanga yini ngoba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ