Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 17:27 - IsiZulu 2020

27 Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kepha uma ningangilaleli ukungcwelisa usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo, ningene ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha; ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 17:27
43 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo. Intukuthelo yami iyakuyivuthela le ndawo, futhi ayiyukucinywa.’


Washisa ngomlilo indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, nazo zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


Bayishisa indlu kaNkulunkulu, baludiliza ugange eJerusalema, bazishisa zonke izigodlo ngomlilo, babhubhisa zonke izitsha zakhona ezinxanelekayo.


Makube nokuthula phakathi kwezingange zakho, nempumelelo ezigodlweni.”


Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka, niyodliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


Umuntu onamandla uyoba njengenswani, nomsebenzi wakhe ube yinhlansi; bobabili bashe kanyekanye, akuyukubabikho ocimayo.”


Kuyakuthi uma ningilalelisisa,” kusho uSimakade, “ningangenisi mthwalo emasangweni alo muzi ngosuku lwesabatha, kepha nilungcwelise usuku lwesabatha, ukuze ningenzi noma yimuphi umsebenzi ngalo,


Niyakulilahla nina uqobo ifa lenu enganinika lona; ngiyonenza nikhonze izitha zenu ezweni eningalaziyo, ngokuba niphembe umlilo wolaka lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Yenzani ubulungiswa ekuseni, nihlenge ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, iyakuvutha, kungabi bikho oyicimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


“ ‘Ngiyakunihambela, nginijezise njengokwezithelo zezenzo zenu, ngiyakuphemba umlilo, uqothule ihlathi lawo umuzi nakho konke okuwuzungezileyo, kusho uSimakade.’ ”


Kepha uma ningawalaleli lawa mazwi, ngizifunga Mina uqobo,” kusho uSimakade, “ukuthi le ndlu iyophenduka incithakalo.” ’ ”


AmaKhaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele ngomlilo, awushise nalezo zindlu ababeshisela uBhali impepho phezu kophahla lwazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo ukuba bangicunule.


AmaKhaledi asishisa ngomlilo isigodlo senkosi nezindlu zabantu, adiliza izingange eJerusalema.


“Izwi olikhulume kithi egameni likaSimakade asiyukulilalela.


“Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku, ungqongqise izinqaba zikaBheni Hadadi.”


Washisa indlu kaSimakade, isigodlo senkosi, zonke izindlu eJerusalema, nazo zonke izindlu ezinkulu, wakushisa ngomlilo kwangqongqa.


Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu, ngithi: ‘Lalelani ukukhala kwecilongo,’ kepha, bathi: ‘Asiyukulilalela.’


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.


Yachithachitha indlu yayo, njengedlangala ensimini, yabhubhisa indawo yayo yokuhlanganela. USimakade wenza imikhosi emisiweyo namaSabatha, akwabe kusakhunjulwa eZiyoni; ngokufutheka kolaka lwakhe, waziqhelelanisa nenkosi nabaphristi.


USimakade uyikhombise ngokugcwele intukuthelo yakhe; wathulula ukuvutha kolaka lwakhe, wathungela umlilo eZiyoni, oqothule izisekelo zalo.


Ziyakushisa izindlu zakho ngomlilo, zikwehlulele phambi kwabesifazane abaningi. Ngiyakukwenza ukuba uyeke ukufeba, ungabe usakhokhela muntu.


Ukuze izinhliziyo zabo ziphele amandla, kwande nezikhubekiso kubo, ngiyokwenza babeke inkemba ekhazimulayo kuwo wonke amasango abo. Yebo, yenziwe yanjengonyazi, ihoshelwe ukubulala.


uthi kulo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngimelene nawe. Ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, ngibulale abalungileyo nezikhohlakali.


Ukwedelelile okungcwele kwami, wawona amasabatha ami.


Benza lokhu futhi kimi: ngalolo lusuku abangcolisa ngalo indlu yami engcwele, bawona namasabatha ami.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.”


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eThire, uyakungqongqisa izinqaba zalo.”


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo eThemani, uyakungqongqisa izinqaba eBhozira.”


Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo endlini kaHazayeli, uyakungqongqisa izinqaba zikaBheni Hadadi.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eGaza, uyakungqongqisa izinqaba zalo.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo kwaMowabi, uyakungqongqisa izinqaba eKeriyothi. AbakwaMowabi bafele emsindweni, kube ubumayemaye, kukhale icilongo.


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ