UJeremiya 17:26 - IsiZulu 202026 Bayakufika bevela emizini yakwaJuda, nasemizaneni ezungeze iJerusalema, ezweni lakwaBhenjamini, emagqumeni nakwelezintaba naseNegevu, belethe iminikelo yokushiswa, imihlatshelo, iminikelo yokusanhlamvu, nenhlaka, bayofika naneminikelo yokubonga endlini kaSimakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE26 Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa, nemihlatshelo, neminikelo yempuphu, nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202426 Bayophuma emizini yakwaJuda nasezindaweni ezizungeze iJerusalema nasezweni lakwaBenjamini nasethafeni nasezintabeni naseningizimu, balethe iminikelo yokushiswa nemihlatshelo neminikelo yempuphu nempepho nemihlatshelo yokudumisa endlini kaJehova. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.