Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 17:26 - IsiZulu 2020

26 Bayakufika bevela emizini yakwaJuda, nasemizaneni ezungeze iJerusalema, ezweni lakwaBhenjamini, emagqumeni nakwelezintaba naseNegevu, belethe iminikelo yokushiswa, imihlatshelo, iminikelo yokusanhlamvu, nenhlaka, bayofika naneminikelo yokubonga endlini kaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa, nemihlatshelo, neminikelo yempuphu, nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Bayophuma emizini yakwaJuda nasezindaweni ezizungeze iJerusalema nasezweni lakwaBenjamini nasethafeni nasezintabeni naseningizimu, balethe iminikelo yokushiswa nemihlatshelo neminikelo yempuphu nempepho nemihlatshelo yokudumisa endlini kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 17:26
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Babemdumisa uSimakade, bembonga ngamaculo, becula bethi: “Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade ku-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka, bamemeza kakhulu ngentokozo, bedumisa uSimakade lapho bebona kubekwa isisekelo sendlu yakhe.


Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.


Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaSimakade.


Ngizongena endlini yakho neminikelo yokushiswa, ngizifeze izifungo engazenza kuwe,


“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho,


Kuyophuma kubo ukubonga nezwi lokuthokoza. Ngiyakubenza bande bangabe besancipha; ngibenze bahlonipheke, bangabe besadelelwa.


Amasimu ayakuthengwa ngesiliva, kulotshwe encwadini, isicilelwe, kube nofakazi ezweni lakwaBhenjamini, nasemaphethelweni eJerusalema, emizini yakwaJuda, emizini ekwelezintaba, emizini esehlanzeni, nasemizini eseNegevu, ngokuba ngibabuyise ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.


Emizini esezintabeni, esehlanzeni, eseNegevu, esezweni lakwaBhenjamini, esemaphethelweni eJerusalema nasemizini yakwaJuda, kuyakubuye kudlule imihlambi ezandleni zalowo oyibalayo,’ kusho uSimakade.


Akusiwo yini amazwi lawa uSimakade awamemezela ngesandla sabaphrofethi bakuqala, lapho iJerusalema lalihleli ngokuthula, imizi yalo elizungeze nxazonke, iNegevu namagquma kwakuhleli ngokuthula na?’ ”


Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.


Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu.


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ