Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 17:20 - IsiZulu 2020

20 uthi kuwo: ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina makhosi akwaJuda, nani nonke baJuda, nezakhamuzi zonke zaseJerusalema eningena ngalawa masango.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 uthi kuwo: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda, noJuda wonke, nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 uthi kubo: ‘Yizwani izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda noJuda wonke nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 17:20
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yisho enkosini nasendlovukazini eyizalayo, uthi: “Yehlani ezihlalweni zenu zobukhosi, ngokuba umqhele wenu wodumo ekhanda uwile.”


Usho kanje kimi uSimakade, uthi: “Hamba ume esangweni lamadodana abantu, okungena kuphume kulo amakhosi akwaJuda, nasemasangweni wonke eJerusalema,


Uyakuthi: ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina makhosi akwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela inhlekelele kule ndawo, bonke abayokuzwa ngayo, izindlebe zabo ziyonkeneneza.


Ngokuba bangihlubukile, baphatha le ndawo njengeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, ababengabazi, bona nokhokho babo, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala.


“Nakwabendlu yenkosi yakwaJuda, yithi: ‘Yizwani izwi likaSimakade, elithi:


uthi: ‘Yizwa izwi likaSimakade, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho, nabantu bakho abangena ngalawa masango.


Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.


“Ndodana yomuntu, ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli, ngakho-ke uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona.


“Yizwani lokhu nina baphristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwehlulelwa ngokwenu, phela nibe wugibe eMizpha nenetha elendlaliweyo eThabhori.


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Ngathi: “Ake nizwe nina zinhloko zakwaJakobe, nani baholi bendlu ka-Israyeli. Akunina yini okufanele nazi ubulungiswa na?


Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ