Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 17:1 - IsiZulu 2020

1 “Isono sakwaJuda silotshwe ngosiba lwensimbi lokuloba; siqoshwe ngesihloko sedayimane ezibhebheni zenhliziyo yabo, nasezimpondweni zama-althare enu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Isono sakwaJuda silotshiwe ngothi lwensimbi lokuloba; ngesihloko sedayimani* siqoshiwe ezibhebheni zezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Isono sikaJuda silotshwe ngosiba lwensimbi langesihloko sedayimani; kuqoshwe etafuleni lezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 17:1
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ububele neqiniso makungakushiyi; kubophele entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,


Kubophele eminweni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho.


Bheka, ngikulobe entendeni yezandla zami, izingange zakho ziphambi kwami njalo.


Ngokuba ngangobuningi bemizi yenu, bangako onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wemigwaqo eJerusalema, angako ama-althare eniwamisele le nto enengekayo, ama-althare enishisela kuwo uBhali impepho.’


Ngokuba noma ugeza ngesoda, uzithathele insipho eningi, ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” kusho iNkosi uSimakade.


“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


Ngabe iGiliyadi selonakele? Impela abaselutho; bahlabe izinkunzi eGiligali, ngakho-ke ama-althare abo ayakuba njengenqwaba yamatshe emiseleni yamasimu.


Abacabangi emiqondweni yabo ukuthi ngibukhumbula bonke ububi babo. Manje sebehaqwe yizenzo zabo, eziphambi kobuso bami.


“Ngokuba u-Efrayimi wandisile ama-althare emihlatshelo yesono; esephenduke ama-althare emihlatshelo yesono.


Umphristi uyakuthatha ingxenye yegazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi ingxenye yegazi eseleyo ayithululele ngasesinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa.


Benza izinhliziyo zabo zaba lukhuni njengetshe, ukuba bangawuzwa umthetho namazwi uSimakade Wamabandla akuthumele ngoMoya wakhe ngesandla sabaphrofethi bakuqala; ngalokho uSimakade Wamabandla wathukuthela kakhulu.


Nibonakalisa ukuthi niyincwadi kaKhristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, elotshwe hhayi ngoyinki, kepha ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo. Ayilotshiwe ezibhebheni zamatshe, kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ