Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 16:5 - IsiZulu 2020

5 Usho kanje uSimakade, uthi: “Ungangeni endlini okulilwa kuyo, ungayi ukuyolila, ungabakhombisi uzwelo, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu, kanye nomusa, nobubele bami,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Ungangeni endlini yesililo, ungayi ukulila, ungabakhaleli, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu,” usho uJehova, “kanye nomusa nobumnene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Ningangeni endlini yokulila, ningayi ukuyobakhalela, ningabakhalele; ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu, usho uJehova, umusa nesihe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 16:5
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Simakade, khumbula umusa wakho kithi, nesihawu sakho, ngokuba kukhona kwaphakade.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.


Ababhubhisi batheleke bevela kuzo zonke izindawo eziphakemeyo, ezingamaqwaqwasi ehlane; inkemba kaSimakade iyabhubhisa, kusukela kulo mkhawulo womhlaba kuya komunye, akukho ukuthula kubantu.


Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”


Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’


Ungemuke ukuthula, angisakwazi ukujabula, nezinto ezinhle azisekho.


Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yamuntu, kungekho nkokhelo yezilwane, kungekho kuthula kophumayo noma kongenayo ngenxa yesitha, ngokuba nganiqatha ukuze kube yilowo nalowo alwe nomakhelwane wakhe.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo lusuku, ngiyakubashiya, ngibafulathele; bayakudliwa, behlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo lusuku: ‘Lezi zinhlupheko azisehlelanga yini ngoba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nogibele kulo wanikwa ukuba ayoqeda ukuthula emhlabeni, ukuze abantu babulalane; wanikwa futhi nenkemba enkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ