Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 16:18 - IsiZulu 2020

18 Ngizoqala ngokubashaya ngokuphindiwe ngenxa yobubi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto ezinengekayo, ifa lami baligcwalisile ngezinengiso zabo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngiyakubuyisela kabili ububi babo nesono sabo kuqala; ngoba balingcolisile izwe lami, bagcwalise ifa lami ngezidumbu zezinengiso zabo nezinengiso zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 16:18
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo, abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.


Umhlaba ungcolisiwe ngabakhileyo kuwo, ngokuba bayeqile imithetho, baphambuka ezimisweni, basephula isivumelwano saphakade.


Liqungeni isibindi iJerusalema, nimemezele kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile, nobubi balo buhlanguliwe, ngokuba lamukele kuSimakade isijeziso ngokuphindiwe ngenxa yazo zonke izono zalo.


Esikhundleni sehlazo lenu, niyakuphiwa ngokuphindiweyo; esikhundleni sokudumala, ukujabula kuyakuba yisabelo sabo; bayakudla ifa ngokuphindiweyo ezweni lakubo, intokozo engunaphakade ibe ngeyabo.


“Bheka, kulotshwe phambi kwami ukuthi: angiyukuthula, ngiyoziphindiselela, yebo, ngiphindisele ezifubeni zabo


ububi babo, nobokhokho babo kanyekanye,” kusho uSimakade.


Mabajabhiswe abangizingelayo, kodwa mina mangingadunyazwa; behlisele ngosuku lwenhlekelele, ubabhubhise ngokubhubha okuphindiweyo.


Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


Ngenxa yokuba wayengenamahloni ngokufeba kwakhe, walingcolisa izwe, ephinga namatshe nezihlahla.


Kepha ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngazithumela ngiphindelela, ngithi: ‘Maningakwenzi lokhu okunengekayo engikuzondayo.’


“ ‘Abantu bakwaJuda benzile okubi phambi kwami,’ kusho uSimakade. ‘Babeke izinto zabo ezinengisayo endlini ebizwa ngeGama lami ukuba bayingcolise.


“Bayakufika lapho bakususe konke okunyanyekayo kwalo, nazo zonke izinengiso ezikulo.


Kepha labo abanhliziyo zabo zilandela okunyanyekayo nokunengekayo kwabo, ngiyakwehlisela phezu kwamakhanda abo lokho abakwenzileyo, kusho iNkosi uSimakade.”


Ngase ngithululela ulaka lwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangenxa yokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, ngenxa yokuba ungcolise indawo yami engcwele ngakho konke okwenyanyekayo kwakho, nangazo zonke izinengiso zakho. Nami impela, ngiyakukunciphisa, iso lami aliyukuba nasihawu, futhi Mina, angiyukuba nabubele kuwe.


Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, ngibhidlize ama-althare enu empepho, izidumbu zenu ngizilahle phezu kwezithombe zenu ezifihlikileyo; umphefumulo wami uyonengwa yini.


Sukumani nihambe, ngokuba lena akusiyona indawo yokuphumula, ngoba ingcolile, iyakuqotha imbokodo nesisekelo kabi.


Yenza kulo lokho elikwenzile, ukuphindaphinde kabili okwemisebenzi yalo; endebeni ebelixubela kuyo, lixubele ngokuphindiwe;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ