Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 16:17 - IsiZulu 2020

17 Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; azifihlekile ebusweni bami, nobubi bazo abufihlekile emehlweni ami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 16:17
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


uma ngona, uyangiqaphela, awuyukungithethelela isono sami.


Ngabe akaziboni yini izindlela zami, azibale zonke izinyathelo zami na?


Mabahlale bephambi kukaSimakade njalo, ukuze akuqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Uhlola ukuhamba kwami nokulala kwami, uzazi zonke izindlela zami.


nguYena owadala izinhliziyo zabo bonke; oqaphela zonke izenzo zabo.


Fihla ubuso bakho ezonweni zami, uzesule zonke iziphambeko zami.


Amacala ethu uwabeke phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho.


Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke, aqapha abahle nababi.


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaSimakade; uyayilinganisa yonke imikhondo yakhe.


Manje kwabafihlela uSimakade amasu abo, abazenzo zabo zisebumnyameni, abathi: “Ngubani osibonayo? Ngubani osaziyo na?”


“Ngiyayazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukuzobutha zonke izizwe nezilimi, ziyakufika, ziyibone inkazimulo yami.


Ngokuba noma ugeza ngesoda, uzithathele insipho eningi, ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” kusho iNkosi uSimakade.


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


ngokuba benza ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi bomakhelwane babo, bakhuluma amazwi angamanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo lokho, ngingufakazi,” kusho uSimakade.


Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe.


Ngabe le ndlu ebizwa ngeGama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyabona, kusho uSimakade.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini okwenziwa ngamalunga endlu ka-Israyeli ebumnyameni, yilelo nalelo ekamelweni lalo elinezithombe ezibaziweyo na? Ngokuba athi: ‘USimakade akasiboni. USimakade ulilahlile leli lizwe.’ ”


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu ngokwedlulele, izwe ligcwele igazi, nasemzini kudlange ukonakala, ngokuba bathi: ‘USimakade ulishiyile leli lizwe futhi akaboni.’


Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicinge eJerusalema ngezibani, ngijezise abantu abanethezeke njengewayini liyekwe nenzika, abathi ezinhliziyweni zabo: “ ‘USimakade akakwenzi okuhle, ngeke akwenze nokubi.’


Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane na? Bayakuthokoza, babone itshe lomthofu esandleni sikaZerubhabhele. Amehlo ayikhombisa kaSimakade abheke umhlaba wonke.”


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ