Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 15:21 - IsiZulu 2020

21 “Ngiyakukukhulula esandleni sababi, ngikuhlenge esandleni sabanonya.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Ngiyakukophula esandleni sababi, ngikuhlenge esandleni sabacindezeli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngiyakukusindisa esandleni sababi, ngikukhulule esandleni sabanamandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 15:21
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba bangisoconge, abamelene nami nezitha zami bayokhubeka, baqumbeke phansi.


USimakade uyobasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.


Nina enithanda uSimakade kuzondeni okubi, Yena olondoloza imiphefumulo yabathembekile, abasindise ezandleni zezikhohlakali.


Ngokuba umcindezeli akaseyukuba bikho, kungabe kusaba khona sedeleli, bonke abaceba ububi bayoqedwa nya.


Kodwa isixuku sezitha zakho siyofana nebhuqu elicolisekileyo, noquqaba lwabacindezeli lube njengamakhoba aphephukayo, kwenzeke ngokuphazima kweso.


Ngiyakubadlisa abakucindezelayo, inyama yabo, badakwe yigazi labo kube ngathi bekuyiwayini elimnandi; abantu bonke bayokwazi ukuthi Mina Simakade nginguMsindisi wakho, uMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.”


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Uyakuncela ubisi lwezizwe, uncele emabeleni amakhosi; uyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.


Hlabelelani kuSimakade, mdumiseni uSimakade, ngokuba uwuhlengile umphefumulo wompofu esandleni sababi.


Kepha isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya ukuba anganikelwa esandleni sabantu, ukuze bambulale.


Ngokuba uSimakade umhlawulele uJakobe, wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.


UJeremiya wasala egcekeni labalindi kwaze kwaba wusuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:


“Mthathe, umphathe kahle, ungezi lutho kuye oluzomlimaza, kodwa wenze lokho akutshela khona.”


Kepha umkhululi wabo unamandla, nguSimakade Wamabandla igama lakhe; uyakuyimela nokuyimela indaba yabo, ukuba aphumuze umhlaba, kodwa bangabi nakuthula abakhileyo eBhabhele.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awafanga; eyesine ibonakala ifana nendodana yonkulunkulu.”


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKhristu mawube nani.


Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ