Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 15:19 - IsiZulu 2020

19 Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Uma uphenduka, ngiyakukwemukela, uyakuma phambi kwami. Uma uveza okuyigugu phakathi kokungenamsebenzi, uyakuba ngumlomo wami. Yibo abazobuyela kuwe, akusiwena ozophendukela kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Uma ubuya, ngiyakukubuyisa, ume phambi kwami; uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala, uyakuba ngumlomo wami; laba bayakubuyela kuwe, kepha wena awuyikubuyela kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Uma niphenduka, ngiyakunibuyisa, nime phambi kwami; kodwa aniphenduki kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 15:19
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


Ngalokho-ke hamba, ngizokuba semlonyeni wakho, ngikufundise ozokusho.”


Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


USimakade wayeselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami; uSimakade wathi kimi: “Ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.


USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.


Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.


ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘UJonadaba, indodana kaRekhabhi, akayukuswela muntu oyokuma phambi kwami kuze kube phakade.’ ”


“Uma uphenduka, Israyeli,” kusho uSimakade, “uyakubuyela kimi; uma ususa phambi kwami izinengiso zakho, awuyukuntengantenga.


Indawo engaphansi iyafutha, umthofi udliwe ngumlilo; impela bahlungelwa ize nje, ngokuba ababi abakhishiwe.


Bonke abantu bakhona bayabubula, befuna isinkwa. Bakhipha okuthandekayo kwabo ngokuba befuna ukudla ukuze basimamise umphefumulo. Bheka, Simakade, ubone, ngokuba sengiphenduke into eyedelelwayo.


Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.


Abaphristi bawo bawudlovile umthetho wami; bazingcolisile izinto zami ezingcwele, abakwehlukanisanga okungcwele nokuyichilo. Ababafundisanga abantu ukwehlukanisa phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo, bashalazela amasabatha ami ngokungawagcini; ngihlanjalaziwe phakathi kwabo.


Bayakubafundisa abantu bami ukwehlukanisa okungcwele nokuyichilo, benze umehluko phakathi kokungcolileyo nokuhlanzekileyo.


Niyakwehlukanisa phakathi kokungcwele nokungengcwele, okungcolileyo nokuhlanzekileyo,


ukufundisa ukuthi kunini lapho umuntu engcolile nalapho ehlambulukile; yilowo-ke umthetho wochoko.


“Phuthuma uye eNineve, umuzi omkhulu, ufike umemezele kuwo umyalezo engikutshela wona.”


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine imiyalo yami, uyakuphatha endlini yami, unakekele namagceke ami; ngiyakwenza uhambe phakathi kwalaba abami lapha.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabhriyeli mina, omi phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume nawe, nokuba ngikubikele lezi zindaba ezinhle.


“Onizwayo nina, uyangizwa Mina; onganemukeli nina, akangamukeli Mina; ongangemukeli Mina, akamemukeli ongithumileyo.”


Ngokuba uMoya oNgcwele uyakunifundisa ngaleso sikhathi okufanele nikusho.”


ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Ngabe manje ngizama ukuzincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Ngabe ngizama ukuthokozisa abantu na? Uma ngisazama ukuthokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKhristu.


Kepha ukuze nilondelwe iqiniso levangeli ukuba liqhubeke ngani, asizange sihlehle ngisho nakancane nje ukuba sibathobele.


Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, asebenomqondo oqeqeshekileyo, asebekwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.


Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ