Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 15:15 - IsiZulu 2020

15 Simakade, Wena uyazi; ngikhumbule, unginake, ungiphindiselele kwabangizingelayo; ungangisusi ngenxa yolaka lwakho, yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Uyazi wena Jehova; ngikhumbule, ngihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ngokubekezela kwakho; yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 O Jehova, uyakwazi lokhu; ngikhumbule, ungihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ekubekezeleni kwakho; yazi ukuthi ngijezisiwe ngenxa yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 15:15
42 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngayala abaLevi ukuba bazingcwelise, kube yibo abaqapha emasangweni ebusuku ukuze kugcinwe usuku lweSabatha lungcwele. Ungikhumbule Nkulunkulu wami, ube nomusa kimi ngokuba mkhulu umusa wakho.


Ngabuye ngahlela ukulethwa kwezinkuni ngezikhathi ezimisiweyo, nokwethulwa kwesivuno sokuqala. Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngokuhle engikwenzileyo.


Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngakho konke okuhle engikwenzele laba bantu.


“Nkulunkulu wami, khumbula okwenziwe nguThobiya noSanibhalathi, ungiphindiselele kubo nakumphrofethikazi uNowadiya, nakwabanye abaphrofethi abazama ukungesabisa.”


noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?


Ngithi: “Nkulunkulu wami, uze ungangithathi ngisemncane, Wena ominyaka yakho ihlezi izizukulwane ngezizukulwane.


Ngikhumbule, Simakade, lapho wenzela abantu bakho umusa, ungihambele ngensindiso yakho,


Zingaki izinsuku zenceku yakho na? Uyakubehlulela nini abangizingelayo na?


Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.


Yeka ukungigqolozela, ukuze ngibuye ngimamatheke, ngaphambi kokuba ngemuke, ngingabe ngisaba khona.”


Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke, sifana nezimvu zokuhlatshwa.


wathi “Ngiyakuncenga Simakade ukuba ukhumbule ukuthi ngihambe phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle emehlweni akho.” UHezekiya wayesekhala umunyu.


Kepha Wena Simakade uyangazi, futhi uyangibona, uhlola inhliziyo yami ukuthi injani kuwe. Bahudule njengezimvu ziyokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.


Maye, maye kimi lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana, nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke! Angebolekanga lutho futhi angebolekwanga lutho; nokho bonke bayangiqalekisa.


Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayukukwahlula, ngokuba Mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” kusho uSimakade.


Kepha angiyekanga ukuba ngumelusi okusebenzelayo, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; Wena uyakwazi engakushoyo, ngiphambi kobuso bakho.


Kepha Wena Simakade uyawazi wonke amacebo abo okungibulala; ungabuthetheleli ububi babo, nesono sabo ungasesuli phambi kwakho, mabathelwe phansi phambi kwakho, ubajezise ngesikhathi usathukuthele.


Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.


Simakade Wamabandla, ovivinya olungileyo, obona izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba indaba yami ngiyibeke phambi kwakho.


Njalo uma ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhujiswa; impela izwi likaNkulunkulu seliphenduke ihlazo kimi, nenhlekisa usuku lonke.


Simakade, uyaphindisela kumuntu ngokwemisebenzi yakhe; ngiphindiselele kubo ngabakwenze kimi!


Baxoshe ngentukuthelo yakho, ubabhubhise, kungasali namunye phansi kwezulu likaSimakade.


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kodwa oqiniselayo kuze kube sekupheleni, uyakusindiswa.


Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.


Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.


Pho ngubani ozakusehlukanisa nothando lukaKhristu na? Ngabe ukuhlupheka noma usizi; ukuhlushwa noma indlala ukuhamba ze noma ingozi, noma yinkemba na?


Ngakho-ke njengalokhu sazi ukuthi kuyini ukwesaba uNkulunkulu, siyabancenga abantu. Kepha thina sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu, sibonakalisiwe.


U-Aleksandru, umkhandi wethusi, wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakuphindesela kuye ngokwemisebenzi yakhe.


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


USamsoni wanxusa uSimakade, wathi: “Nkosi Simakade, ngiyakucela, ngikhumbule, ngiqinise kube kanye, Nkulunkulu, ukuze ngiziphindisele kumaFilisti ngempindiselo eyodwa nje ngenxa yamehlo ami omabili.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ