Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 13:14 - IsiZulu 2020

14 Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngiyakubaphahlazela omunye komunye, oyise namadodana kanyekanye, usho uJehova;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 13:14
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nezakhamuzi zasentabeni iSeyiri, bababhubhisa baphela nya. Kwathi sebeziqothule nya zonke izakhamuzi zaseSeyiri, base bephenduka babulalana bodwa.


Uyakumphephula ungamhawukeli, athi galo yephuka ebalekela amandla awo.


Uyakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphihlize njengokhamba lombumbi.”


Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.


“Ngubani oyakukuhawukela wena Jerusalema na? Ngubani oyakuba nozwelo kuwe na? Ngubani oyakuphambuka ukubuza impilo na?


Wena ungishiyile,” kusho uSimakade, “wabuyela emuva; ngiselulile isandla sami kuwe, ngakubhubhisa, ngikhathele ukukuhawukela.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ungangeni endlini okulilwa kuyo, ungayi ukuyolila, ungabakhombisi uzwelo, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu, kanye nomusa, nobubele bami,” kusho uSimakade.


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


Ziyakuphuza, zidiyazele, zibe njengezinhlanya ngenxa yenkemba engiyakuyithumela kuzo.”


Ngomsindo wokugabadula kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, ngobukhehlekhehle bezinqola zakhe, nangomsindo wamasondo akhe; oyise ababheki emuva kubantwana, ngenxa yobuntekenteke bezandla zabo,


Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “engiyakuthumela kuye abagumbuqeli abayogumbuqela izitsha zakhe, bathulule izimvaba zakhe, baziphohloze.


Ngakho usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bayakukhubeka kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe nomngani wakhe.”


“Abancane nabadala badindilize emigwaqweni; izintombi nezinsizwa zami ziwe ngenkemba. Uzibulale ngosuku lwentukuthelo yakho; wazibulala ngokungenaluzwelo.


“ ‘Mina Simakade ngikukhulumile lokho; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyukukuyeka, angiyukuhawukela, angiyukuzisola. Uyakwehlulelwa njengokuziphatha kwakho nangezenzo zakho,’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Manje, ukuphela sekuphezu kwakho; ngiyakuthumela ulaka lwami kuwe, ngikwehlulele njengezindlela zakho, ngiphindisele kuwe zonke izinengiso zakho.


Angiyukukubheka ngesihawu, angiyukuba naluzwelo kuwe; ngiyakuphindisela kuwe ngokuziphatha kwakho, izinengiso zakho zibe phakathi kwakho; niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.’


Iso lami aliyukukubheka ngesihawu, angiyukuba naluzwelo; ngiyakuphindisela kuwe ngokwezindlela zakho, izinengiso zakho ziyokuba phakathi kwakho; niyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngiyashaya.


Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”


“Nami-ke, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukubanaso isisa kubo, kodwa ngiyakwehlisela lokho abakwenzileyo phezu kwamakhanda abo.”


Ngamuzwa ethi kulawa amanye amadoda: “Dabulani emzini nilandele leyo ndoda, nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi naluzwelo.


Angiyukubazwela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe.


Angisayukuzizwela futhi izakhamuzi zezwe,” kusho uSimakade. “Kodwa bheka nje, ngiyakunikela abantu kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe, esandleni senkosi yakhe. Bayakulicindezela izwe, kepha angiyukubahlenga esandleni sabo.”


“Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale.


“Khona umuntu uyakukhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Yebo, abantwana bayakubavukela abazali babo, bababulale.


uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


Abaqaphi bakaSawule eGibheya kwaBhenjamini babona isixuku sihlakazeka, siya ngapha nangalaphaya.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ