UJeremiya 11:8 - IsiZulu 20208 “ ‘Kepha abalalelanga, abayibekanga indlebe yabo kulo, kodwa bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi. Ngehlisela phezu kwabo wonke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuba basigcine, kodwa abasigcinanga.’ ” အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE8 Kepha abalalela, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngase ngehlisela phezu kwabo onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuwenza, kepha kabawenzanga.’ ” အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20248 Kodwa kabalalelanga, kababekanga izindlebe zabo, kodwa bahamba, ngulowo lalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngalokho ngiyakubehlisela onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuba bawenze; kodwa abazange. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Ngathumela izinceku zami, abaphrofethi, ngibathuma ngiphindelela, ngithi: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; yikhona niyakuhlala ezweni engalinika nina nokhokho benu.” “ ‘Kepha aniyibekanga indlebe yenu, aningilalelanga.
Kunalokho impela sizokwenza konke esikuthembisile ngemilomo yethu. Sizoyishisela impepho indlovukazi yezulu, siyethulele iminikelo yokuphuzwayo, njengoba besenza thina nokhokho bethu, amakhosi ethu, nezikhulu zethu, emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema. Ngokuba sasidla sisutha ukudla, singahlushwa yilutho.