Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 11:23 - IsiZulu 2020

23 akuyukuba bikho nsali kubo, ngokuba ngiyakubehlisela inhlekelele abantu base-Anathothi, ngonyaka wokujeziswa kwabo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 nensali ayiyikuba khona kubo, ngokuba ngiyakubehlisela abantu base-Anathoti okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kakuyikuba khona insali kubo, ngokuba ngiyakwehlisela okubi phezu kwabantu base-Anathoti, umnyaka wokuhanjelwa kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 11:23
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha mina nganginjengewundlu eliholwa liyohlatshwa; ngangingazi ukuthi kanti bangicebela amacebo, bethi: “Masisicekele phansi isihlahla nezithelo zaso, simnqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”


“Ngakho-ke indlela yabo iyakuba bushelelezi kubo; bayakududulelwa ebumnyameni, bawe kubo; ngiyobehlisela inhlekelele ngonyaka engiyobajezisa ngawo,” kusho uSimakade.


“ ‘Bheka, ngiyakuqikelela ukuba kwenzeke okubi, hhayi okuhle; bonke abantu bakwaJuda abaseGibhithe bayakufela lapho, beqedwa yinkemba nayindlala, baze bafe baphele nya.


Ngisho namabutho alo aqashiwe, aphakathi kulo, anjengamathole akhuluphalisiweyo; nawo aphenduka abaleka kanyekanye, awazange eme ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selufikile; isikhathi sokujeziswa kwabo.


“Obalekela ukwesaba, uyakuwela emgodini; okhuphuka emgodini, abanjwe wugibe; ngokuba ngiyakwehlisela lezi zinto phezu kwabakwaMowabi, ngonyaka wokujeziswa kwabo,” kusho uSimakade.


Angiyukubajezisa yini ngalokhu na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukusijezisa yini isizwe esinjengalesi na?


Angiyukubajezisa yini ngenxa yalokho na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukuziphindiselela yini esizweni esifana nalesi na?


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehle ziyohlatshwa. Maye kuzo! Ngokuba usuku lwazo selufikile; isikhathi sokujeziswa kwazo.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Insali yakwa-Israyeli bayakuyikhothoza nokuyikhothoza njengomvini. Njengovuna amagilebhisi, yedlulisa isandla sakho phezu kwamagatsha.”


Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.


Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu.


Abendlu yakwaJakobe bayakuba ngumlilo, abendlu kaJosefa babe yilangabi, kuthi abendlu ka-Esawu babe ngamabibi, bayakuwashisa, aphele nya; akuyukusinda namunye kwabendlu ka-Esawu, ngokuba uSimakade usekhulumile.


Omuhle kubo unjengehlokozi elinameva; oqotho kubo mubi kunothango lwameva. Usuku lwabalindi bakho nolokujeziswa kwakho sekufikile; sekuyakuba ngukudideka kwabo.


Zikuqumbe phansi othulini, wena nabantu abanawe; aziyukushiya litshe phezu kwelinye phakathi kwakho. Ngokuba awusazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ