Yayisithumela isithunywa phambi kwayo; u-Elisha wayehleli endlini yakhe, namalunga ehleli naye; kepha singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukuze kunqunywe ikhanda lami na? Bhekani, kuyokuthi lapho sifika isithunywa nivale umnyango nisicindezele ngawo. Kanti izigi zenkosi yaso azikho yini emva kwaso na?”