Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 1:15 - IsiZulu 2020

15 Ngokuba ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” kusho uSimakade. “Iyakufika, kube yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobukhosi ezikhaleni zamasango eJerusalema, nakuzo zonke izingange ezilizungezile, nasemizini yonke yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” usho uJehova. “Iyakufika, yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobukhosi ezikhaleni zamasango aseJerusalema, nakuzo zonke izingange zalo nxazonke, nakuyo yonke imizi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngokuba bhekani, ngibiza zonke izizukulwane zemibuso yasenyakatho,” usho uJehova; ziyofika zimise yilowo nalowo isihlalo salo sobukhosi ekungeneni kwamasango eJerusalema nakuzo zonke izindonga zalo nxazonke naphezu kwayo yonke imizi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 1:15
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izigodi zakho ezikhethekileyo zagcwala izinqola zempi, abamahhashi abanamandla bazihlela ngasesangweni.


Izwi lombiko liyasondela, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni enyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo ehlala amakhanka.


Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.


Phakamisani amehlo enu, nibone abavela enyakatho; uphi umhlambi enaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle na?


Kuyakuthi uma benqaba ukuyithatha indebe esandleni sakho ukuba baphuze, uthi, kubo: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla: impela niyakuyiphuza.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Kuyakuzwakala futhi kule ndawo enithi ngayo iyincithakalo, akuhlali muntu nasilwane kuyo, emizini yakwaJuda, nasemigwaqweni eJerusalema ebhujisiweyo engenazakhamuzi, nabantu, nazilwane,


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngesikhathi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nempi yakhe yonke, nemibuso yonke yomhlaba engaphansi kwesandla sakhe, nezizwe zonke, zilwa neJerusalema nemizana yonke elizungezile, lathi:


Bheka, ngiyakukhipha umyalo, kusho uSimakade, ngibabuyisele kuwo lo muzi; bayokulwa nawo, bawudle, bawushise ngomlilo. Ngiyakuyenza imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Zonke izikhulu zenkosi yaseBhabhele zangena, zahlala esangweni eliphakathi nendawo: kwakunguNerigali Sarezeri, uSamigari Nebho, uSaresekimi induna yezinceku, uNerigali Sarezeri induna yabaphristi, nazo zonke ezinye izikhulu zenkosi yaseBhabhele.


“Xwayisani izizwe ngalokhu; bhekani, kumemezeleni eJerusalema ukuthi abavimbezeli bayeza, bavela kwelikude izwe; bayalizwakalisa izwi labo emizini yakwaJuda.


Misani ibhanela libheke eZiyoni, nibaleke niyocasha, ningemi, ngokuba ngiyakwehlisa inhlekelele ivela enyakatho, nokubhujiswa okukhulu.”


bese uthi kubo: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: bheka, ngiyakuthumela uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami, ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawa matshe engiwembele lapha, uyakwendlala ithende lakhe lobukhosi phezu kwawo.


Ngase ngithulula intukuthelo nolaka lwami, kwavutha emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, kwaphenduka incithakalo nembumbiso njengoba kunjalo nanamuhla.


Indodakazi yaseGibhithe izothelwa ngehlazo, inikelwe esandleni sabantu basenyakatho.”


Ngizakwehlisela kini, nina ndlu ka-Israyeli, isizwe esivela kude,” kusho uSimakade; “yisizwe esinamandla, isizwe esidala, isizwe ongalwazi ulimi lwaso, nongakuqondi esikushoyo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Kuzakufika abantu bevela ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.


“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Badlwengula abesifazane eZiyoni, nezintombi emizini yakwaJuda.


“Lapho kukhona zonke izikhulu zasenyakatho, nabo bonke abaseSidoni, abehlele phansi nababuleweyo. Babesatshwa ngenxa yobuqhawe babo, kepha sebehlazekile, balale bengasokile nababulawe ngenkemba, bathwele ihlazo labo nalabo abehlele egodini.


Ngiyakuyidudulela kude nani impi yasenyakatho, ngiyixoshele ezweni eligagadekile neliyincithakalo, ubuso bayo bubheke ngasolwandle empumalanga, ingemuva layo lifulathele ngasolwandle entshonalanga, ukunuka kwayo kukhuphuke, kwenyuke nephunga layo elibi, ngokuba wenze izinto ezinkulu.


Leyo enamahhashi amnyama ilibhekise enyakatho; amhlophe ayawalandela; amahwaqahwaqa aya eningizimu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ