Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 9:9 - IsiZulu 2020

9 Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu ngokwedlulele, izwe ligcwele igazi, nasemzini kudlange ukonakala, ngokuba bathi: ‘USimakade ulishiyile leli lizwe futhi akaboni.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: ‘UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wayesethi kimi: “Ububi bendlu ka-Israyeli noJuda bukhulu kakhulu, izwe ligcwele igazi nomuzi ugcwele inkohliso; ngoba bathi: INkosi iwushiyile umhlaba, futhi iNkosi akaboni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 9:9
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UManase futhi wachitha kakhulu igazi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela kulolu hlangothi kuya kolunye, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaSimakade.


nangenxa yegazi elingenacala ayelichithile, wagcwalisa iJerusalema ngalo, lokho uSimakade akazange avume ukukuthethelela.


Uthi wena: ‘UNkulunkulu wazini na? Angehlulela yini engale kwesigayegaye na?


Siyacabanga sithi enhliziyweni yaso: “UNkulunkulu akanakile, akabhekile ngakimi, futhi ngeke angibone.”


Bathi: “USimakade akaboni, uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”


Maye kuwe, sizwe esonayo, bantu abasindwa ngukona, nzalo yezonakali, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uSimakade, bamdelela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehlile bamfulathela.


Manje kwabafihlela uSimakade amasu abo, abazenzo zabo zisebumnyameni, abathi: “Ngubani osibonayo? Ngubani osaziyo na?”


Ubuzizwa uvikelekile ebubini bakho, waze wathi: ‘Akekho ongibonayo.’ Ukuhlakanipha nokwazi kwakho kukudukisile; wathi enhliziyweni yakho: ‘Yimi, yimi kuphela, akekho omunye.’


Emiphethweni yezingubo zakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, nanxa ungazange ubabhadame begqekeza. Phezu kwakho konke lokho,


“Kepha amehlo akho nenhliziyo yakho kusenzuzweni engalungile kuphela, ekuchitheni igazi elingenacala, ekucindezeleni, nasekwenzeni ubudlova.”


Abamelene nalo sebephenduke banjengamakhosi, izitha zalo zinokuthula. USimakade ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo. Izingane zalo sezihambile, zisekuthunjweni, ebusweni besitha.


“ ‘Yenza iketanga, ngokuba izwe ligcwele ukwehlulelwa kwegazi, nomuzi ugcwele ubudlova.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini okwenziwa ngamalunga endlu ka-Israyeli ebumnyameni, yilelo nalelo ekamelweni lalo elinezithombe ezibaziweyo na? Ngokuba athi: ‘USimakade akasiboni. USimakade ulilahlile leli lizwe.’ ”


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ubonile yini na? Kuyinto engelutho yini endlini yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenza lapho na? Ngokuba baligcwalisile izwe ngobudlova, bedlula bachukuluza ulaka lwami. Uyabona, babeka amagatsha emakhaleni abo.


Ngalokho-ke umthetho awusathi shu, nokwehlulela akusenziwa unomphelo, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngenxa yalokho ubulungiswa buphuma buhlanekezelwe.


Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicinge eJerusalema ngezibani, ngijezise abantu abanethezeke njengewayini liyekwe nenzika, abathi ezinhliziyweni zabo: “ ‘USimakade akakwenzi okuhle, ngeke akwenze nokubi.’


Lokho kwenzeka ukuze igazi labaphrofethi bonke elachithwa kusukela umhlaba wasekelwa, libizwe kulesi sizukulwane;


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


“Bonile kuye; abaseyibo abantwana bakhe, ngenxa yesici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ