Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 8:3 - IsiZulu 2020

3 Wayeselula okufana nesandla, wangibamba ngezinwele zekhanda lami. UMoya wangiphakamisela emkhathini, phakathi komhlaba nezulu; wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema, esivalweni sesango legceke eliphakathi, elibheke enyakatho; yilapho kwakukhona isithombe somhawu, esibanga umhawu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wayeselula kungathi isandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema esivalweni sesango legceke elingaphakathi elibheke ngasenyakatho, lapho kwakukhona isihlalo sesithombe somhawu, esibanga umhawu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Welula okunjengesandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa phambi kukaNkulunkulu eJerusalema, ekungeneni kwesango elingaphakathi elibheke enyakatho; sasikuphi isihlalo sesithombe somona, esizala umona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 8:3
39 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Kuyakuthi sengikushiyile, uMoya kaSimakade ukuthathe ukuyise lapho ngingazi khona, lapho sengifika ngimbikela u-Ahabi, bese engakufumani, uyakungibulala, kepha mina, nceku yakho, ngiyamesaba uSimakade kwasebusheni bami.


Kepha i-althare lethusi elaliphambi kukaSimakade, yalisusa phambi kwendlu naphakathi kwe-althare nendlu kaSimakade, yalibeka ohlangothini olungasenyakatho lwe-althare layo.


Athi kuye: “Bheka, phakathi kwethu izinceku zakho kunamadoda angama-50 anamandla. Mawahambe ayofuna inkosi yakho, hleze uMoya kaSimakade uyikhuphulile, wayilahla entabeni thizeni noma esigodini.” Kepha wathi: “Ningawathumi.”


Wabeka isithombe esibaziweyo sika-Ashera ayesenzile endlini uSimakade ayekhulume ngayo kuDavide noSolomoni indodana yakhe, wathi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukuba ngibeke khona iGama lami, kuze kube phakade.


Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.


Ungazenzeli isithombe esibaziweyo, sanoma yini olusezulwini phezulu, noma olusemhlabeni phansi, noma olusemanzini phansi komhlaba.


Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Ngokuba aniyukukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uSimakade, ogama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu.


Kepha babeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngeGama lami, ukuba bayingcolise.


“ ‘Abantu bakwaJuda benzile okubi phambi kwami,’ kusho uSimakade. ‘Babeke izinto zabo ezinengisayo endlini ebizwa ngeGama lami ukuba bayingcolise.


Kwathi ngonyaka wama-30, ngenyanga yesine, ngosuku lwesihlanu lwayo, nginabathunjwa ngasemfuleni iKhebhari, izulu lavuleka, ngabona imibono kaNkulunkulu.


Amakherubhi ayemi ngaseningizimu yendlu ngesikhathi indoda ingena; ifu lagcwala igceke elingaphakathi.


UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaSimakade elisempumalanga, elibheke ngasempumalanga. Ngasekungeneni kwesango kwakunamadoda angama-25. Ngabona phakathi kwawo noJahazaniya indodana ka-Azuri, noPhelathiya indodana kaBhenaya, abaholi babantu.


UMoya kaNkulunkulu wangiphakamisa, wangiyisa nombono kulabo ababethunjelwe eKhalideya. Umbono engangiwubonile wenyuka, wasuka kimi,


Ngabona, bheka, naso isandla eselulelwe ngakimi, kuso kunomqulu wencwadi.


UMoya wayesengiphakamisa, ngezwa izwi lokuduma okukhulu emva kwami, lithi: “Mayibusiswe inkazimulo kaSimakade endaweni yakhe.”


Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.


Isandla sikaSimakade sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaSimakade, sangibeka phakathi esigodini esasigcwele amathambo.


Ngemibono kaNkulunkulu wangiyisa ezweni lakwa-Israyeli, wangibeka entabeni ephakeme kakhulu, okwakuphezu kwayo kwakungathi isakhiwo somuzi ongaseningizimu.


UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaSimakade yayigcwalisa indlu.


Umbundu wabo bawubeka ngasembundwini wami, nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami, kwaba ludonga kuphela oluphakathi kwami nabo, balingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzayo, yingakho-ke ngabaqeda ngolaka lwami.


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, ngenxa yokuba ungcolise indawo yami engcwele ngakho konke okwenyanyekayo kwakho, nangazo zonke izinengiso zakho. Nami impela, ngiyakukunciphisa, iso lami aliyukuba nasihawu, futhi Mina, angiyukuba nabubele kuwe.


Ukukhazimula kwemvunulo yakho kwaba ngukuziqhenya, benza ngakho izithombe zabo ezinengekayo nezinto zabo ezenyanyekayo, ngalokho ngiyakukwenza kube yinto engcolileyo kubo.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ake uphakamise amehlo akho, ubheke ngasenyakatho.” Ngawaphakamisa amehlo ami, ngabheka ngasenyakatho; ngabona ngasenyakatho yesango le-althare isithombe salo mhawu sisekungeneni.


Kwase kufika amadoda ayisithupha evela ngendlela esesangweni elingenhla, elibheke enyakatho. Yileyo naleyo ndoda iphethe ngesandla sayo isikhali sokubhubhisa, enye kuwo yembethe ilineni, kunophondo lukayinki womlobi okhalo lwayo. Angena, ayesema eceleni kwe-althare lethusi.


Ngathintwa yisandla, sanginyakazisa ukuba ngigaqe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami.


Wabuye wangithinta obonakala njengomuntu, wangiqinisa.


Ngaso leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani, emgudulweni wodonga lwesigodlo senkosi; inkosi yabona ingxenye yesandla esasiloba.


Kuthe sebephumile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa waqhubeka nohambo lwakhe ethokozile.


Bamenza waba nesikhwele ngonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.


Bangenze nganesikhwele ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisa ngokuyize kwabo; ngiyobenza babe nesikhwele ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngijezisela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu, funa intukuthelo kaSimakade uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikushabalalise ebusweni bomhlaba.


UJoshuwa wathi kubantu: “Aninakumkhonza uSimakade, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele. UnguNkulunkulu onomhawu, akayukuxolela iziphambeko zenu noma izono zenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ