Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 7:7 - IsiZulu 2020

7 Ukubhujiswa sekufikile kuwe sakhamuzi sezwe, isikhathi sesifikile, usuku lokudideka lusondele; akukho kukhamuluka ngenjabulo ezintabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Sekufikile kuwe ohlala ezweni; isikhathi sesifikile, usuku lusondele, olokukhathazeka, kungesilo olokujabula ezintabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ukusa sekufikile kini, nina enihlala ezweni; isikhathi sesifikile, usuku lwenhlupheko luseduze, akusilo umsindo wezintaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 7:7
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Entathakusa, izingelosi zamnxusa uLothi zathi: “Lo muzi uzobhujiswa ngenxa yobubi bawo, ngalokho wena phangisa uvuke, uthathe umkakho namadodakazi akho womabili, funa ubhujiswe nawo.”


USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini.


Izimpisi ziyokhala ezinqabeni zalo, namakhanka, ezindlini zamakhosi; sesiseduze ukufika isikhathi salo, nezinsuku zalo aziyukwandiswa.


Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini yezithelo, akusahlatshelelwa maculo; ezivinini akusamenyezwa, abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngikuqedile ukumemeza.


Ngokuhlwa, kuba yingebhe yodwa; kuthi kungakasi zibe zingasekho. Yileso-ke isabelo sabasiphangayo, nonkatho lwabasiqhwagayo.


Ngokuba wusuku lweNkosi uSimakade Wamabandla, usuku lokukhathazeka nokucindezelwa, lokudideka eSigodini Sombono; usuku lokudilizwa kwezingange nolokukhalela ukusizwa ezintabeni.


Simakade, wangiyenga, ngayengeka; ube namandla kunami, wangehlula. Ngibe yinhlekisa usuku lonke, ngaklolodelwa yibo bonke.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehle ziyohlatshwa. Maye kuzo! Ngokuba usuku lwazo selufikile; isikhathi sokujeziswa kwazo.


“Ngakho-ke yisho kubo uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Wonke amazwi ami awayukubambezeleka; lokho engiyakukukhuluma kuyakufezeka,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaSimakade selusondele; luzokuba lusuku lwamafu nesikhathi senhlekelele kwabezizwe.


Isikhathi sesifikile, usuku selufikile; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ulaka luphezu kwaso sonke isixuku sabo.


Maye ngalolo lusuku! Ngokuba usuku lukaSimakade lusondele. Luyakufika luyimbubhiso evela kuSomandla.


Uyabona-ke, Yena owabumba izintaba, wadala umoya, Yena otshela abantu imicabango yakhe, owenza intathakusa ibe ngubumnyama, ohamba ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe nguSimakade, uNkulunkulu Wamabandla.


Manje sekuyisikhathi sokuba ukwehlulela kuqale endlini kaNkulunkulu, kepha uma kuqala kithi, siyakubanjani isiphetho salabo abangalilaleli ivangeli likaNkulunkulu na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ