Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 7:6 - IsiZulu 2020

6 Isiphetho sesifikile! Isiphetho sesifikile! Sithelekile phezu kwakho, bheka, siyeza!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ukuphela kuyeza; ukuphela kuyeza, kuyakwehlela; bheka, kuyeza!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ukuphela kufikile, ukuphela kufikile; liyakuqapha; bheka, selifikile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 7:6
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“ ‘Bheka, ngiyakuqikelela ukuba kwenzeke okubi, hhayi okuhle; bonke abantu bakwaJuda abaseGibhithe bayakufela lapho, beqedwa yinkemba nayindlala, baze bafe baphele nya.


Izitha zethu zasizingela nomaphi lapho sibalekela khona, sasingasakwazi ukuhamba emigwaqweni yakithi. Isiphetho sethu sase sisondele, nezinsuku zethu sezibaliwe, nokuphela kwethu kwase kufikile.


“Ngakho yisho kubo uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngizosiqeda leso saga, bangaphindi basisho nanini kwa-Israyeli,” ’ ” kodwa-ke khuluma kubo, uthi: “Izinsuku ziyasondela, nemibono iphelela ezeni.


“ ‘Wena-ke sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elikhohlakeleyo, usuku lwakho-ke selufikile, isikhathi sakho sokujeziswa okokugcina;


Uyabona-ke, kuyeza, futhi kuzokwenzeka; yilolo-ke usuku engikhulume ngalo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘Bhekani usuku! Bhekani luyeza, ukubhubhisa kuphumile; intonga iqhakazile; ukuzidla kuhlumile.


Manje, ukuphela sekuphezu kwakho; ngiyakuthumela ulaka lwami kuwe, ngikwehlulele njengezindlela zakho, ngiphindisele kuwe zonke izinengiso zakho.


Ukubhujiswa sekufikile kuwe sakhamuzi sezwe, isikhathi sesifikile, usuku lokudideka lusondele; akukho kukhamuluka ngenjabulo ezintabeni.


Yathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqona elinezithelo zasehlobo.” USimakade wayesethi kimi: “Isikhathi sokuthalalisa kubantu bami u-Israyeli sesiphelile; angisayukubaxolela.


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


engawuyekanga nomhlaba wasemandulo, kodwa walondoloza uNowa, ummemezeli wokulunga, owayengowesishiyagalombili emkhunjini, mhla ehlisa uzamcolo emhlabeni walabo ababengamesabi uNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ