Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 7:4 - IsiZulu 2020

4 Angiyukukubheka ngesihawu, angiyukuba naluzwelo kuwe; ngiyakuphindisela kuwe ngokuziphatha kwakho, izinengiso zakho zibe phakathi kwakho; niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Iso lami aliyikukuhawukela, ngingabi nabubele; ngiyakwehlisela izindlela zakho phezu kwakho, izinengiso zakho zibe phakathi kwakho; niyakwazi ukuthi nginguJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Iso lami aliyikukuhawukela, futhi angiyikuba nesihe; ngiyakwehlisela izindlela zakho phezu kwakho, nezinengiso zakho zibe phakathi kwakho; nizokwazi ukuthi nginguJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 7:4
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”


Ngizoqala ngokubashaya ngokuphindiwe ngenxa yobubi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto ezinengekayo, ifa lami baligcwalisile ngezinengiso zabo.”


Ngokuba bayakugqilazwa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiyakuphindisela kubo ngokwezenzo zabo nangokwemisebenzi yezandla zabo.”


Kepha labo abanhliziyo zabo zilandela okunyanyekayo nokunengekayo kwabo, ngiyakwehlisela phezu kwamakhanda abo lokho abakwenzileyo, kusho iNkosi uSimakade.”


Imizi okuhlalwa kuyo iyakubhujiswa, izwe libe yincithakalo, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.” ’ ”


“ ‘ “Ngenxa yokuthi awuzikhumbulanga izinsuku zobusha bakho, kodwa ungithukuthelisile ngakho konke lokhu, nami-ke ngizokwehlisela phezu kwekhanda lakho konke okwenzileyo, ukuze ungabe usazikhanukela zonke ezinye izinengiso zakho,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Ngase ngithululela ulaka lwami phezu kwabo, ngabaqeda nya ngomlilo wentukuthelo yami, kwathi konke abakwenzileyo ngakuthela phezu kwamakhanda abo,” kusho iNkosi uSimakade.


Uhambe ngendlela kadadewenu, ngalokho-ke ngiyakunikela indebe yakhe esandleni sakho.’


Bayakukuphindisela kini ukukhanuka kwenu, nizithwale nina izono zezithombe zenu, niyakukwazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.’ ”


“ ‘Mina Simakade ngikukhulumile lokho; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyukukuyeka, angiyukuhawukela, angiyukuzisola. Uyakwehlulelwa njengokuziphatha kwakho nangezenzo zakho,’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Kulapho-ke bayakungazi khona ukuthi nginguSimakade, lapho izwe sengilenze laba yincithakalo neze, ngenxa yazo zonke izinengiso zabo abazenzileyo.” ’


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, ngenxa yokuba ungcolise indawo yami engcwele ngakho konke okwenyanyekayo kwakho, nangazo zonke izinengiso zakho. Nami impela, ngiyakukunciphisa, iso lami aliyukuba nasihawu, futhi Mina, angiyukuba nabubele kuwe.


Ngiyakwelula isandla sami ngimelane nabo, izwe ngilenze libe yincithakalo nokuyize ukwedlula ihlane eDibhila, nakuzo zonke izindawo zabo abahlala kuzo. Bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.’ ”


Ababuleweyo bayowa phakathi kwenu, niyokwazi ukuthi Mina nginguSimakade.


Inkosi iyakulila, isikhulu sembathe incithakalo, nezandla zabantu bezwe ziyakuqhaqhazela. Ngiyakubaphatha njengokuziphatha kwabo, ngibehlulele ngokwemithetho yabo, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.’ ”


Manje, ukuphela sekuphezu kwakho; ngiyakuthumela ulaka lwami kuwe, ngikwehlulele njengezindlela zakho, ngiphindisele kuwe zonke izinengiso zakho.


Iso lami aliyukukubheka ngesihawu, angiyukuba naluzwelo; ngiyakuphindisela kuwe ngokwezindlela zakho, izinengiso zakho ziyokuba phakathi kwakho; niyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngiyashaya.


Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”


“Nami-ke, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukubanaso isisa kubo, kodwa ngiyakwehlisela lokho abakwenzileyo phezu kwamakhanda abo.”


USimakade uthwesa uJuda icala, uyakumjezisa uJakobe ngokwezindlela zakhe, akhokhise kuye ngokwezenzo zakhe.


Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu.


USimakade wathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Intambo yomthofu yokulinganisa.” INkosi yayisithi: “Uyabona-ke, sengizobeka intambo yomthofu yokulinganisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli angisayukubaxolela.


Angisayukuzizwela futhi izakhamuzi zezwe,” kusho uSimakade. “Kodwa bheka nje, ngiyakunikela abantu kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe, esandleni senkosi yakhe. Bayakulicindezela izwe, kepha angiyukubahlenga esandleni sabo.”


Ngokuba siyamazi owathi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubehlulela abantu bayo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ