Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 7:16 - IsiZulu 2020

16 Abasindileyo kubo bayakuphunyuka, batholakale ezintabeni njengamajuba asezigodini, bonke belila, yilowo nalowo ngezono zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Abaphunyukileyo babo bayakuphunyuka, babe sezintabeni njengamajuba asezigodini, bakhale bonke, kube yilowo nalowo ngezono zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa labo abababalekelayo bayakubalekela, babe sezintabeni njengamajuba aphuma ezigodini, bonke belila, kube yilowo nalowo ngenxa yobubi bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 7:16
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Sonke sigwavuma njengamabhele, siyakhala nokukhala njengamajuba; silindela ukwehlulela, kodwa akukho, nokusindiswa, kodwa kukude nathi.


Njengenkonjane noma indwa ngiyatshiyoza, ngiyakhala njengejuba; amehlo ami akhathele ukubheka phezulu; Nkosi, ngicindezelwe, yiba lusizo lwami.”


Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, Wena ulungile, kodwa thina usiphunyukisile, sasala sayinsali njengoba kunje namuhla. Siphambi kwakho necala lethu, nakuba kungekho namunye ongama phambi kwakho ngenxa yalokho.”


Abasindileyo bendlu yakwaJuda, abaseleyo bayakubuye benabise izimpande, bagxile phansi, bathele izithelo phezulu.


Niyakuzikhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, nizenyanye nina uqobo, ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.


Abayakuphunyuka enkembeni bayakubuya eGibhithe, babuyele ezweni lakwaJuda, beyingcosana. Yonke insali yakwaJuda eye eGibhithe ukuba igogobale khona iyokwazi ukuthi ngelikabani izwi eliyakuma, elami noma elayo.


Akuyukuphunyuka namunye, akuyukusinda muntu ensalini yakwaJuda eye eGibhithe ukuyogogobala khona, ukuze ibuyele ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuze ihlale khona, ngokuba akuyukubuya muntu, kuphela ingcosana ephunyukile.”


Bayakuza bekhala, bekhuleka; lapho ngibabuyisa, ngiyakubaholela emifuleni yamanzi, ngendlela eqondileyo abangayukukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora.


Ngizwele, ungiphendule; ngikhathazekile, ngiyabubula, ngixakekile,


Ngokuba izwi lesililo lizwakele livela eZiyoni, lithi: ‘Yeka ukubhujiswa kwethu! Sithelwe ngehlazo kakhulu; silishiyile izwe, ngokuba bazidilizile izindlu zethu.’ ”


Kepha, kuyosala kulo insali ephunyukileyo; amadodana namadodakazi ayakukhishwa kulo, ayokuza kini, kuyothi lapho nibona ukuziphatha kwawo nemisebenzi yawo, niduduzeke, ngenxa yobubi engibenze behlela iJerusalema, nangenhlekelele engiyehlisele phezu kweJerusalema.’ ”


Izimvu zami bezizulazula kuzo zonke izintaba nakuwo wonke amagquma aphakemeyo. Yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, akwaba bikho ozifunayo nozicingayo.


Kunqunyiwe ngalo, liyambulwa, liyathunjwa, nezincekukazi zalo ziyalila njengokukhala kwamajuba, azishaya phezu kwezinhliziyo.


“Usuku olukhulu lukaSimakade seluseduze, lusondele futhi luyashesha kakhulu. Umsindo wosuku lukaSimakade uwusizi, neqhawe liyakuqanduqandula lapho.


Ngokuba iziphambeko zethu ziningi phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nobubi bethu siyabazi:


Izwi liyezwakala emadulini angamaqwaqwasi, likhala, linxusela abantu bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo, bamkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ