Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 5:8 - IsiZulu 2020

8 ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka Mina, yebo, Mina ngimelene nawe, ngizokwehlulela wena, izizwe zizibonela ngamehlo azo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, mina, yebo, mina ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho emehlweni ezizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, nami ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho phambi kwamehlo ezizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 5:8
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, ngimelene nani, nina enakhe esigodini, wena dwala lethafa, kusho uSimakade. Nina enithi: “ ‘Ngubani oyakwehla asihlasele na? Ngubani oyakungena ezindaweni esizifihle kuzo na?’


Mina ngiyakulwa nani ngesandla esiluliweyo, nangengalo enamandla, ngentukuthelo, ngokufutheka nangolaka olukhulu.


Ngiyakubenza babe yisinengiso nesikhubekiso emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, inhlekisa nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


Bonke ababafumanayo babashwabadela; abamelene nabo bathi: ‘Asinacala, ngokuba yibo abonile kuSimakade; ikhaya labo lokulunga, uSimakade, ithemba lokhokho babo.’


INkosi yaphenduka yanjengesitha, yambhubhisa u-Israyeli, yachitha zonke izigodlo zakhe, yabhidliza izinqaba zakhe, yandisa ukukhala nokulila endodakazini uJuda.


Ungishaye ephindelela ubusuku nemini, engenqabela ukuba ngisondele kuye.


Ngiyakunikhipha kuwo, ngininikele esandleni sabafokazi, nginijezise.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngenxa yokuba nikhulume okuyize, nabona okungamanga; ngalokho-ke, ngimelene nani, kusho iNkosi uSimakade.


Ngiyakubhekana nazo ngqo, ngimelane nazo, nakuba ziphumile emlilweni, nokho ziyakuqedwa yiwo umlilo, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade lapho sengibhekene nazo ngqo.


Ziyakushisa izindlu zakho ngomlilo, zikwehlulele phambi kwabesifazane abaningi. Ngiyakukwenza ukuba uyeke ukufeba, ungabe usakhokhela muntu.


uthi kulo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngimelene nawe. Ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, ngibulale abalungileyo nezikhohlakali.


uthi kulo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Bheka, ngimelene nawe Sidoni; ngiyakudunyiswa ngawe, abantu bayakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilehlulela, ngizibonakalise ngingcwele kulo.


Ngiyakulijezisa iGibhithe, futhi bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’ ”


isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bhekani-ke, ngimelene nabelusi, ngizozifuna izimvu zami esandleni sabo, ngenze ukuba bangabe besazelusa, futhi bangabe besaba ngogombela kwesabo. Ngizohlenga izimvu zami emlonyeni wabo, zingabe zisaba ngukudla kwabo.”


uthi kuyo, ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngimelene nawe ntaba iSeyiri; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikushaye, ngikwenze ube yincithakalo neze.


“Wena ndodana yomuntu, phrofetha umelane noGogi, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngimelene nawe, Gogi, sikhulu sakwaRoshe, eMeshekhe naseThubhali.


Kuyakuba yihlazo, isaga, isexwayiso, nokwesabekayo ezizweni zonke ezikuzungezileyo, lapho ngikwehlulela ngentukuthelo, ngolaka nangokukuthethisa. Mina Simakade ngikhulumile.


“Uyabona-ke, ngimelene nawe, ngiyakushisa izinqola zakho entuthwini, inkemba ibhuqabhuqe amawundlu akho, ngiyakuyiqeda nya inyamazane yakho ezweni, nephimbo lezithunywa zakho aliyukuphinde lizwakale,” kusho uSimakade.


Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo.


uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ