Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 48:10 - IsiZulu 2020

10 Nanku umnikelo ongcwele: owabaphristi uyakuba ngamakhubhithi ayizi-25 000 ngasenyakatho, entshonalanga ube ayizi-10 000 ububanzi, empumalanga ube ayizi-10 000 ububanzi, nangaseningizimu ube ayizi-25 000 ubude. Indlu engcwele kaSimakade iyakuba phakathi nawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Nanku umnikelo ongcwele: owabapristi uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasenyakatho, nangasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, indlu engcwele kaJehova ibe phakathi nawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Futhi kubo, kubapristi, lesi sipho esingcwele kumelwe sibe; ngasenyakatho izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, nasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude; nendlu engcwele kaJehova iyakuba phakathi kwayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 48:10
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi lapho uLothi esehambile, uSimakade wakhuluma ku-Abhrama wathi: “Manje phakamisa amehlo akho ubuke nxazonke lapho ukhona: enyakatho, eningizimu, empumalanga nasentshonalanga,


“ ‘Bayakuba nefa; Mina ngiyifa labo; aniyukubanika imfuyo kwa-Israyeli; Mina ngiyimfuyo yabo.


Iyakuba yisiqinti esingcwele ezweni, ibe ngeyabaphristi, abakhonza endaweni engcwele, labo abasondela kuSimakade ukuba bamkhonze. Iyakuba yindawo yabo yokuhlala, ibuye ibe yindawo engcwele.


“Umnikelo eniyakunikela ngawo kuSimakade uyakuba ngamakhubhithi ayizi-25 000 ubude, ububanzi bube ngayizi-10 000.


Ningaphathi kwasikhwama sokwethekela, nabhantshi lesibili, kwazicathulo, kwaludondolo, ngokuba isisebenzi kufanele sinikwe ukudla kwaso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ