Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 40:7 - IsiZulu 2020

7 Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga olulodwa, nobubanzi balo buluhlanga olulodwa; okwakuphakathi kwamakamelo kwakungamakhubhithi ayisihlanu; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini nawo wawuluhlanga olulodwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga lunye, nobubanzi balo buluhlanga lunye; okwakuphakathi kwamakamelo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini wawuluhlanga lunye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ikamelo ngalinye laliwumhlanga owodwa ubude nobubanzi bomhlanga munye; phakathi kwamakamelo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umbundu wesango evarandeni yesango ngaphakathi wawuluhlanga lunye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 40:7
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umsebenzi wabo kwakungukusiza abozalo luka-Aroni emsebenzini wendlu kaSimakade, emagcekeni, emakamelweni, ukuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nokwenza umsebenzi wokukhonza endlini kaNkulunkulu,


Abalindi abane abakhulu ababengabaLevi babesesikhundleni njalo, bengamele amakamelo nengcebo endlini kaNkulunkulu.


Isisindo sezipikili sasingamashekeli egolide angama-50.


UHezekiya wayaleza ukuba kulungiswe amakamelo endlini kaSimakade, base beyawalungisa.


Kuqapheleni, nikugcine nize nikulinganise phambi kwabaphristi abakhulu nabaLevi, nezinhloko zemindeni kwa-Israyeli eJerusalema, emakamelweni endlu kaSimakade.”


ngabangenisa endlini kaSimakade, ekamelweni lamadodana kaHanani, indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu elaliseceleni kwekamelo lezikhulu, elaliphezu kwekamelo likaMahaseya, indodana kaShalumi, umlindisango.


Amakamelo abalindi ayesesangweni ngasempumalanga, emathathu ngapha nangapha, eyisilinganiso esisodwa, kanjalo nezinsika zaziyisilinganiso esisodwa ngapha nangapha.


Amakamelo alo abalindi ayemathathu ngapha nangapha; izinsika zalo nemipheme yalo kwakufana nesilinganiso sokuqala sesango; ubude balo babungamakhubhithi angama-50, ububanzi bungamakhubhithi angama-25.


Amakamelo alo abalindi, izinsika zalo, nemiphemegumbi yalo kwakufana nezilinganiso ezibalulwe ngenhla, kukhona amafasitela kulo nasemiphemenigumbi nxazonke; ubude balo babungamakhubhithi angama-50, ububanzi balo bungamakhubhithi angama-25.


amakamelo alo abalindi, izinsika zalo, nemiphemegumbi yalo kwakunjengezilinganiso ezibalulwe ngenhla, kukhona amafasitela kulo nasemiphemenigumbi yalo nxazonke; ubude babungamakhubhithi angama-50, ububanzi bungamakhubhithi angama-25.


amakamelo alo abalindi, izinsika zalo, nemiphemegumbi yalo; lalinamafasitele nxazonke; ubude bungamakhubhithi angama-50, ububanzi bungamakhubhithi angama-25.


Walinganisa nompheme wesango ngasendlini: uwuhlanga olulodwa.


Amakamelo aphezulu ayemafishane, ngokuba imipheme yayithathe indawo enkulu kuwo kunaleyo eyayikweyangaphansi neyayiphakathi esakhiweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ