UHezekeli 40:6 - IsiZulu 20206 Wayeseya esangweni elalibheke empumalanga, wakhuphuka ngezitebhisi zalo, walinganisa umbundu wesango; ububanzi bawo babuluhlanga olulodwa. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE6 Wayeseya esangweni elalibheke empumalanga, wakhuphuka ngezinyathelo zalo, walinganisa umbundu wesango; ububanzi bawo babuluhlanga lunye. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20246 Yafika esangweni elibheke ngasempumalanga, yakhuphuka ngezitebhisi zalo, yalinganisa umbundu wesango, wawuluhlanga olulodwa ububanzi; lomunye umbundu wesango wawumhlanga owodwa ububanzi. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu, luzungeze nxazonke, esandleni somuntu kukhona uhlanga lokulinganisa, lungamakhubhithi ayisithupha, yileyo naleyo iyikhubhithi engububanzi besandla. Walinganisa ububanzi besakhiwo: uhlanga olulodwa, nokuphakama: ububanzi besakhiwo babuluhlanga olulodwa, kanjalo nokuphakama kwaso kuwuhlanga olulodwa.
Isikhulu siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga lapho siletha umnikelo wesihle, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ukuba ibe ngumnikelo wesihle kuSimakade. Siyakunikela umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengoba senza ngosuku lwesabatha, bese siphuma. Isango liyakuvalwa uma sesiphumile.