Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 40:5 - IsiZulu 2020

5 Kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu, luzungeze nxazonke, esandleni somuntu kukhona uhlanga lokulinganisa, lungamakhubhithi ayisithupha, yileyo naleyo iyikhubhithi engububanzi besandla. Walinganisa ububanzi besakhiwo: uhlanga olulodwa, nokuphakama: ububanzi besakhiwo babuluhlanga olulodwa, kanjalo nokuphakama kwaso kuwuhlanga olulodwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bheka, kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu nxazonke, nasesandleni somuntu kwakukhona uhlanga lokulinganisa, luyizingalo eziyisithupha, yileyo naleyo iyingalo nobubanzi besandla; walinganisa ububanzi besakhiwo: luhlanga lunye; nokuphakama: luhlanga lunye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu nxazonke, nasesandleni somuntu kukhona induku yokulinganisa ubude buyingalo nobubanzi besandla; walinganisa ububanzi besakhiwo: umhlanga munye; nokuphakama, umhlanga munye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 40:5
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Njengalokhu izintaba zizungeze iJerusalema, noSimakade ubazungeze kanjalo abantu bakhe kusukela manje kuze kube phakade.


Ngalolo lusuku, ezweni lakwaJuda kuyohlatshelelwa lesi sihlabelelo esithi: Sinomuzi oqinileyo, usimisela insindiso ibe yizingange nezindunduma.


Ayisayukubabikho indluzula ezweni lakini, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemingcele yakho, kodwa izingange zakho uyozibiza ngokuthi yiNsindiso, namasango akho ngokuthi yiNdumiso.


Ngabona futhi ukuthi indlu izungezwe unqenqema nxazonke, isilinganiso sezisekelo zamakamelo sasilingana nohlanga olungamakhubhithi ayisithupha ubude.


Kwathi lapho eseqedile ukulinganisa indlu engaphakathi, wangikhipha ngendlela yesango elalingasempumalanga, walinganisa nxazonke.


Wayilinganisa ezinhlangothini zozine. Yayinogange oluyizungeze gimbici, ubude balo babungamakhubhithi angama-500 kanjalo nobubanzi balo, ukuba kwehlukaniswe phakathi kokungcwele nokungengcwele.


“Nazi izilinganiso ze-althare ngokwamakhubhithi, ikhubhithi nengxenye ububanzi, isisekelo salo sinomsele oyikhubhithi ukuphakama kwawo, nobubanzi bawo buyikhubhithi. Umngcele walo, emaceleni nxazonke, wawunjengokuvuleka kweminwe: kwakunjalo-ke ukuphakama kwe-althare.


‘Kepha Mina, ngiyakuba lugange lomlilo kulo oluluzungeze ngimbi ci, futhi ngibe yinkazimulo kulo,’ kusho uSimakade.


Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.


Wawunogange olukhulu noluphakeme, unamasango ali-12; emasangweni kukhona izingelosi ezili-12, kuwo kulotshwe amagama ezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ