Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 40:4 - IsiZulu 2020

4 Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engizokukhombisa khona, ngokuba ulethwe lapha ukuba ngikukhombise. Tshela indlu yakwa-Israyeli ngakho konke lokhu okubonayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engiyakukubonisa khona, ngokuba ulethiwe ukuba ngikubonise; yitshele indlu yakwa-Israyeli konke okubonayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lowomuntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, uqondise inhliziyo yakho kukho konke engiyakukukhombisa khona; ngoba ulethwe lapha ngenjongo yokukutshengisa; tshela indlu ka-Israyeli konke okubonayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 40:4
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wena ongokubhuliweyo kwesibuya sami, lokhu engikuzwe ngoSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli; ngiyakukumemezela kuwe.


“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ukuze ngikhulume nawe.”


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israyeli, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi, zona nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla.


“Ndodana yomuntu, ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli, ngakho-ke uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona.


“Wena ndodana yomuntu, chaza ngendlu kwabendlu yakwa-Israyeli ukuze babe namahloni ngobubi babo, bacabangisise ngesimo sayo.


USimakade wathi kimi: “Ndodana yomuntu, qaphelisisa, uzibonele ngawakho amehlo, uzizwele ngezakho izindlebe konke engikukhuluma kuwe maqondana nazo zonke izimiso zendlu kaSimakade, nangayo yonke imithetho yayo; uyiqaphelisise indawo yokungena yendlu, nazo zonke izindawo zokuphuma zendlu engcwele.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, usubonile yini na?” Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula.


Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu.


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


Ngokuba ngakwamukela eNkosini lokho engakwedlulisela kini, ukuthi: iNkosi uJesu, ngobusuku eyakhashelwa ngabo yathabatha isinkwa,


wathi kubo: “Agcineni enhliziyweni yenu wonke lawa mazwi enginixwayisa ngawo namuhla, niyale ngawo abantwana benu, ukuze baqikelele ukuwenza wonke amazwi alo mthetho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ