Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 4:4 - IsiZulu 2020

4 “Lala ngohlangothi lwakho lwesokhohlo, ubeke isono sika-Israyeli phezu kwalo; uyakuthwala isono sabo ngazo zonke izinsuku oyobe ulele ngalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Futhi lala ngohlangothi lwakho lwasokhohlo, ubeke ukona kuka-Israyeli phezu kwalo; ngokomumo wezinsuku zokulala kwakho ngalo uyakuthwala ukona kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lala ngohlangothi lwakho lwesokhohlo, ubeke ububi bendlu kaIsrayeli phezu kwalo; ngokwenani lezinsuku olala kulo, uyakuthwala ububi babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 4:4
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngikubekele izinsuku ezingangenani leminyaka yokona kwabo. Wena-ke uyakuthwala isiphambeko sendlu yakwa-Israyeli izinsuku ezingama-390.


Ngiyakukubopha ngezintambo, awuyukukwazi ukuguqukela kolunye uhlangothi, zize ziphele izinsuku zokuvimbezela kwakho.


“Aniwudlelanga ngani umnikelo wesono endaweni engcwele na? Ungcwelengcwele, futhi uSimakade uwunike nina ukuze nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaSimakade.


Impongo iyothwala ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, ayikhululele ehlane.


Njengokwenani lezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingama-40, usuku luyokuba unyaka. Niyakuthwala ububi benu iminyaka engama-40, nize nazi ukuthi kuba njani lapho ngimelana nani.’


USimakade wathi ku-Aroni: “Wena namadodana akho nabendlu kayihlo niyothwala ububi bendawo engcwele. Wena namadodana akho niyothwala ububi bobuphristi benu.


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umphrofethi, ukuthi: “Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wazithwala izifo zethu.”


kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ