Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 4:3 - IsiZulu 2020

3 Zithathele ucwecwe lwensimbi, ulwenze lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi, ubhekise ubuso bakho kuwo, wona uyakuvinjezelwa, uyakuwuvimbezela. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Zithathele ucwecwe lwensimbi, ulubeke lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi, uqondise ubuso bakho kuwo, wona uvinjezelwe, uvinjezelwe nguwe. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Zithathele ipani lensimbi, ulibeke njengogange lwensimbi phakathi kwakho nomuzi; ubhekise ubuso bakho kulo, livinjezelwe, wena ulivimbezele. Kuyoba yisibonakaliso endlini ka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 4:3
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wathi: “Njengalokhu inceku yami, u-Izaya, isihambe nqunu ingafake nazicathulo iminyaka emithathu, iyisibonakaliso nesimangaliso eGibhithe naseKhushe.


Izigodi zakho ezikhethekileyo zagcwala izinqola zempi, abamahhashi abanamandla bazihlela ngasesangweni.


Bheka, mina nabantwana uSimakade angiphe bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuSimakade Wamabandla ohleli entabeni iZiyoni.


Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwenkosi uZedekiya kwaJuda, ngenyanga yeshumi, inkosi uNebukhadinezari waseBhabhele nayo yonke impi yakhe, bafika eJerusalema, balivimbezela.


Ngonyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya, ngenyanga yesine, ngosuku lwesishiyagalolunye lwayo, bafohla bangena emzini.


“Yisho, uthi: ‘Mina ngiyisibonakaliso kini.’ “Njengalokhu ngenzile, kuyakwenzeka kanjalo kubo. Bayakuya ekuthunjweni beboshiwe.


Uyakuwuthwala ehlombe bekubuka, uphume nawo sekuhlwile, umboze ubuso bakho ukuze ungaliboni izwe, ngokuba ngikwenze waba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.”


Ingxenye yokuthathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, lapho seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa; uyothatha ingxenye yokuthathu elandelayo, uyigalele ngenkemba nxazonke; kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina, uyihlakaze emoyeni. Mina ngizohosha inkemba emva kwabo.


Uyakubhekisa ubuso bakhe ukuze afike nombuso wakhe namandla kanye nezinto ezilungileyo bese enza isivumelwano naye, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayenzakalise, kepha ayiyukuma, futhi ayiyukuba ngeyakhe.


Uma umnikelo wakho ungowokusanhlamvu okugazingwe ngomqengele akube ngowempuphu ecolisekileyo engenamvubelo exovwe namafutha.


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo –


UNkulunkulu efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngemisebenzi yamandla enhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ