Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 4:2 - IsiZulu 2020

2 Uyokwakha khona okokuvimbezela, wakhe udonga lokuvimbezela, wenze khona indunduma, umise izinkambu eduze kwawo, ubeke kuyo imigoqo yokubhidliza nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 uwuvimbezele, wakhe inqaba ngakuwo, uwunqwabele iduli, umise amakamu* ngakuwo, ubeke ngakuwo nxazonke izinqama zokungqubuza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Futhi niwuvimbezele, nakhe inqaba ngokumelene nawo, ninqwabele intaba phezu kwawo; Futhi ubeke ibhande ngokumelene nalo, futhi ubeke izinqama zokubhodloza phezu kwalo nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 4:2
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Impi kaJowabe yafika yavimbezela i-Abheli eBhethi Mahakha. Benza indunduma ngasodongeni, ababezohlasela umuzi bekuyo. Ibutho likaJowabe lashaya ugange ukuze luwe.


Izigodi zakho ezikhethekileyo zagcwala izinqola zempi, abamahhashi abanamandla bazihlela ngasesangweni.


“Bheka, kwenziwe izindunduma zokuhlasela ukuze kudliwe umuzi; nalo muzi ubhekene nenkemba, nendlala nobhubhane, unikelwe esandleni samaKhaledi alwa nawo. Owakusho sekwenzekile, njengoba uzibonela nje.


Ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezigodlo zamakhosi akwaJuda ezidiliziwe ukuze kwakhiwe indunduma yokuvikela ekuhlaselweni nasenkembeni, uthi:


Kwathi ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi lwayo, kwafika eJerusalema uNebhukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nawo wonke amabutho akhe, balivimbezela. Bakanisa ngaphandle komuzi, bakha khona udonga lokuvimbezela nxazonke.


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Gawulani imithi yalo, ninqwabele indunduma ngakulo iJerusalema. Umuzi wonke uyojeziswa, ngayo yonke ingcindezelo ephakathi kwawo.


Ngakwesokunene kwenziwe unkatho ngeJerusalema, ukuba kubekwe imigoqo yokubhodloza, kumenyezelwe ukubulala, ngokuthi kukhuzwe iziqubulo zempi, kubekwe imigoqo yokubhodloza emasangweni, kwenziwe izindunduma, kwakhiwe nodonga lokuvimbezela.


Incithakalo, incithakalo, ngiyakwenza incithakalo; nalokhu akuyukwenzeka kuze kufike isehlulelo kulowo esimfanele, bese ngimnika sona.” ’


Ingxenye yokuthathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, lapho seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa; uyothatha ingxenye yokuthathu elandelayo, uyigalele ngenkemba nxazonke; kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina, uyihlakaze emoyeni. Mina ngizohosha inkemba emva kwabo.


Iyakufika inkosi yasenyakatho, inqwabele iduli, ithathe umuzi obiyelweyo; amabutho aseningizimu awayukuma, nabantu bayo abakhethiweyo abayikuba namandla okuma.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ