Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 38:12 - IsiZulu 2020

12 bese ngibaphanga, ngibaqhwage impahla, ngelule isandla sami, ngimelane nezindawo okungahlali muntu kuzo, nabantu abaqoqwe ezizweni base bezizuzela imfuyo nempahla, labo abahlala enkabeni yezwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ukuze uphange impango, ubamuke impahla, bese wuphendulela isandla sakho ezindaweni ezichithekileyo esezakhiwe nakubantu asebebuthiwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla, behlala enkabeni yezwe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 ukuthatha impango nokuphanga impango; ukuze uphendule isandla sakho phezu kwamanxiwa ahlalwayo manje, nakubantu ababuthiwe ezizweni, abazuzile izinkomo nempahla, abahlala phakathi kwezwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 38:12
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyithuma esizweni esingenabunkulunkulu, ngiyijube ukubhekana nabantu engibathukuthelele ukuba ibaphange impango, iqhwage impahla, ibaxove njengodaka emigwaqweni.


“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo nabo bayakudliwa, zonke izitha zakho ngothi lwazo ziyakuthunjwa, nalabo abakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakuqhwagayo ngiyakubenza impango.


Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Bheka, sengizonika uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, iGibhithe; uzoyithatha ingcebo yalo, aphange impango yalo, bese ethatha impango yalo, ibe yinkokhelo yamabutho akhe.


Kuyokwedlula izinsuku eziningi bese uqoqwa; kuyakuthi ngeminyaka yokugcina ungene ezweni elibuyiswe enkembeni, eliqoqwe ezizweni eziningi, ezintabeni zakwa-Israyeli ezazihlala ziyincithakalo, selikhishiwe kubantu, manje sebezohlala belondekile bonke.


Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi, nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni. Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni, insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.


Yayisiphendula ingelosi kaSimakade, yathi: “Simakade Wamabandla, kuyoze kube nini ungalihawukeli iJerusalema nemizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engama-70 na?”


“Memezela lokhu futhi, uthi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Imizi yami iyakugcwala ichichime okuhle, uSimakade abuye aliduduze iZiyoni, aphinde alikhethe neJerusalema.’ ”


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


UGali wakhuluma futhi, wathi: “Uyabona, kunabantu abehla enkabeni yezwe, elinye iviyo liqhamuka ngendlela yomu-okhi okuhlolelwa kuwo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ