Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 32:2 - IsiZulu 2020

2 “Ndodana yomuntu, khihla isililo ngoFaro, inkosi yaseGibhithe, uthi kuye: “ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama ezizweni, kepha unjengesilwanekasi sasolwandle, lapho utheleka emifuleni yakho, ushaya idadamu ngezinyawo zakho, udunge imifula.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe, uthi kuye: “ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe, kepha unjengodrako* elwandle, lapho ufohlela emifudlaneni yakho, unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho, udunga izikhukhula zawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ndodana yomuntu, yenza isililo ngoFaro, inkosi yaseGibithe, uthi kuye: ‘Wena unjengebhongo lengonyama lezizwe, unjengomkhomo olwandle; waphuma nemifula yakho namanzi ngezinyawo zakho, wangcolisa imifula yawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 32:2
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni ndodana yami. Uguqe, wacutha njengengonyama nanjengengonyamakazi, ngubani ongake akuvuse na?


Izicubu zayo zinamathelene, ziphicelwe kuyo azinakwehlukaniswa.


Ngilulwandle yini, noma inkanyamba yolwandle, uze ungibekele abalindi na?


Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakeleyo, unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.


Umbusi okhohlakele obusa abampofu, unjengengonyama ebhodlayo nebhele elihahayo.


ingonyama, iqhawe ezilwaneni, ayihlehli phambi kwanoma yisiphi esinye;


Ngalolo lusuku uSimakade uyojezisa uLeviyathani ngenkemba yakhe enonya, elukhuni nemandla. ULeviyathani yinkanyamba esheshayo, futhi ethandelayo, uyobulala nenkanyamba yasolwandle ehlala khona.


Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na?


Ingonyama iphumile ehlokozini, umbhubhisi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba enze izwe lakho libe yincithakalo, imizi yakini icekelwe phansi, kungabi bikho ohlala kuyo.


“Ngubani lo okhuphuka njengeNayili, njengomfula omanzi awo ephakama ngamandla.


IGibhithe likhuphuke njengeNayili, amanzi alo agubha njengemifula. Lithe: ‘Ngiyakukhuphuka, ngiwusibekele umhlaba; ngiwubhubhise umuzi nabahlala kuwo.’


mabasheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu agobhoze izinyembezi, izinkophe zethu ziphophoze amanzi.


Ziyakukhihla isililo ngawe, zithi kuwe: “ ‘ “Maye, ngokushabalala kwakho, wena obekuhlala kuwe abasuka olwandle; muzi odumileyo, owawunamandla olwandle; wena nabakhileyo kuwe, owenza ukuba besatshwe bonke abakhileyo kuwe!


“Wena ndodana yomuntu, dinda isililo ngeThire,


Bayakudinda isililo ngenxa yakho, bakulilele, bathi: “ ‘ “Ngubani onjengeThire, onjengothulisiweyo phakathi kolwandle na?”


“Ndodana yomuntu, khihla isililo ngenkosi yaseThire, uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Wawuyisibonelo sokupheleleyo; ugcwele ukuhlakanipha, uphelele ngobuhle.


IGibhithe liyakuba ngumbuso othobekileyo kuneminye imibuso, futhi alisayukuziphakamisa kwezinye izizwe, ngiyakulithena amandla ukuba lingazibusi izizwe.


ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibhithe, silwanekazi sasolwandle, obuthisa emifuleni yakho, uthi: “ ‘ “Umfula ungowami, ngiwenze mina.”


“ ‘ “Leso-ke yisililo abantu abayakusihlabelela. Amadodakazi ezizwe ayakusihlabelela, elilela iGibhithe naso sonke isixuku salo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“Ndodana yomuntu, lilela isixuku saseGibhithe, usehlisele phansi komhlaba, namadodakazi ezizwe ezinamandla, nalabo abehlela egodini.


Kuyize yini kini ukuba niklabe edlelweni elihle bese ninyathela ngezinyawo zenu okuseleyo edlelweni lenu, nokuba niphuze amanzi acwebileyo qede niwadunge ngezinyawo zenu aseleyo na?


“ ‘ “ISheba, iDedani nabahwebi baseTharishishi nayo yonke imizana yakini, kuyakuthi kuwe: Ngabe uzophanga yini na? Uqoqe iviyo lakho ukuba uzoqhwaga impahla, uthathe isiliva, igolide, imfuyo, nempahla, uphange impango eningi na?” ’


Wacutha njengengonyama, walala phansi njengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”


“Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ