Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 24:9 - IsiZulu 2020

9 “ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “ ‘Maye, kumuzi ochitha igazi! Nami futhi ngiyakuzifaka kakhulu izinkuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Maye kumuzi wezingazi! Nami ngiyakwandisa ukubungela izinkuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Maye kuwo umuzi wegazi! Ngiyovusa ngisho inqwaba umlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 24:9
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


Idwala lalo liyoshabalala ngenxa yovalo, izikhulu zakhona ziyoshiya ibhanela, ngenxa yokudangala,” kusho uSimakade omlilo wakhe useZiyoni, nosithando sakhe siseJerusalema.


“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseJerusalema, izwi lakho lizwakale ezindaweni ezingcwele, uphrofethe ngezwe lakwa-Israyeli,


uthi kulo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngimelene nawe. Ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, ngibulale abalungileyo nezikhohlakali.


“Wena ndodana yomuntu uyakwehlulela, uyakuwehlulela yini umuzi ochitha igazi na? Nguwe oyakuwazisa zonke izinengiso zawo,


Ngase ngithululela ulaka lwami phezu kwabo, ngabaqeda nya ngomlilo wentukuthelo yami, kwathi konke abakwenzileyo ngakuthela phezu kwamakhanda abo,” kusho iNkosi uSimakade.


Nqwabela izinkuni, ukhwezele umlilo, uqothule inyama, kushe umhluzi, ashiswe angqongqe namathambo.


Thatha okukhethekileyo emhlanjini, ukhwezele izikhuni phansi kwalo, uligxabhise impela, kuphekwe namathambo kulo.”


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Maye, kumuzi ochitha igazi, ibhodwe elinokugqwala, nokugqwala kwalo okungasukanga kulo! Khipha kulo isitho nesitho, nakuba ungadliwanga wunkatho.


Maye kuwe muzi ochitha igazi! Wonke ugcwele inkohliso nempango, ukuphanga akupheli.


Maye, kowakha umuzi ngokuchitha igazi, asekele umzana ngobubi!


iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.


NjengeSodoma neGomora nemizi eyakhelene nayo, yenza ubufebe ngokufanayo, yalandela ubufebe obuxakile. Bayisibonelo sokubhujiswa ngomlilo ongunaphakade.


Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni, laze lafika ematomini amahhashi, laqeda amastadiyu ayi-1 600.


Umuzi omkhulu wanqamuka kathathu, nemizi yabezizwe yawa. IBhabhiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaphrofethi, ubanike igazi ukuba baliphuze; okuyikhona kubafanele.”


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ