Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 20:3 - IsiZulu 2020

3 “Ndodana yomuntu, khuluma namalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nize ukuzobuza kimi na? Ngifunga ngiyagomela, angiyukubuzwa yinina,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Ndodana yomuntu, khuluma emalungeni akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nifike ukubuza kimi na? Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ndodana yomuntu, khuluma kumalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: Usho kanje uJehova; Uyeza uzongithinta? Kuphila kwami, usho uJehova, angiyikubuzwa yinina.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 20:3
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.


Ofulathelisa indlebe yakhe ekulaleleni umthetho nomkhuleko wakhe, uyisinengiso.


Uma niza phambi kwami, ngubani ofune lokhu esandleni senu ukuba ninyathele emagcekeni ami na?


Uma niphakamisa izandla zenu, ngiyowafihla amehlo ami; ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela; izandla zenu zigcwele igazi.


Nokho bayangifuna nsuku zonke, bayakuthokozela ukwazi izindlela zami, ngokungathi bayisizwe esenza ukulunga, esingazishiyanga izimiso zikaNkulunkulu waso. Babuza kimi izehlulelo ezilungileyo, bayakuthokozela ukusondela kukaNkulukulu.


Kwase kufika kimi amadoda angamalunga akwa-Israyeli, ahlala phambi kwami.


Lapho niletha iminikelo yenu, nidabulisa amadodana enu emlilweni, niyazingcolisa ngazo zonke izithombe kuze kube namuhla. Niyakubuza kimi yini, nina ndlu ka-Israyeli na? Qha, ngifunga ngiyagomela, ngeke ngibuzwe yini,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“Wena-ke ndodana yomuntu, abantu bakini bakhuluma ngawe ngasezindongeni naseminyango yezindlu, bakhuluma omunye komunye, omunye kumfowabo, bathi: ‘Woza uzokuzwa ukuthi yizwi elithini elivela kuSimakade.’


“Abantu bayodiyazela kusuka olwandle kuya olwandle, behla benyuka kusukela enyakatho kuya empumalanga, bazulazule befuna izwi likaSimakade, kodwa abayukulifumana.


Ababonayo bayakuba namahloni, ababhuli bahlazeke; bonke bayakubamba amadevu abo, ngokuba kungekho mpendulo evela kuNkulunkulu.”


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Ngakho-ke wayesethi ezixukwini eziza kuye ukuba azibhabhadise: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayisile ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


UNkulunkulu unguMoya, ngakho-ke abamkhonzayo kufanele bamkhonze ngomoya nangeqiniso.”


USawule wabuza kuSimakade, kodwa uSimakade akamphendulanga ngamaphupho, nge-Urimi noma nangabaphrofethi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ