Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 2:9 - IsiZulu 2020

9 Ngabona, bheka, naso isandla eselulelwe ngakimi, kuso kunomqulu wencwadi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngase ngibheka, naso isandla saselulelwe kimi, naphakathi kwaso, bheka, ngumqulu wencwadi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngathi ngibona, khangela-ke, isandla sathunyelwa kimi; bheka, kwakukhona umqulu kuwo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 2:9
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wayeselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami; uSimakade wathi kimi: “Ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.


“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo wonke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli, nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela ngosuku engakhuluma ngalo kuwe ngezinsuku zokubusa kukaJosiya kuze kube namuhla.


UJeremiya wayesebiza uBharukhi indodana kaNeriya. UBharukhi waloba emqulwini wencwadi wonke amazwi kaSimakade ayewakhulume kuye, ewatshelwa nguJeremiya.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, yidla lokhu okutholayo, wudle lo mqulu, uhambe uyokhuluma nendlu yakwa-Israyeli.”


Wayeselula okufana nesandla, wangibamba ngezinwele zekhanda lami. UMoya wangiphakamisela emkhathini, phakathi komhlaba nezulu; wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema, esivalweni sesango legceke eliphakathi, elibheke enyakatho; yilapho kwakukhona isithombe somhawu, esibanga umhawu.


Ngathintwa yisandla, sanginyakazisa ukuba ngigaqe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami.


Ngaso leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani, emgudulweni wodonga lwesigodlo senkosi; inkosi yabona ingxenye yesandla esasiloba.


Ngabuye ngabheka, ngabona umqulu wencwadi ondizayo.


Yayisithi kimi: “Lesi yisiqalekiso esizokwehlela phezu komhlaba wonke, ngokuba ngokusho kwaso kulolu hlangothi bonke abantshotshayo bayakudingiswa, bese kuthi ngakolunye uhlangothi lwaso luthi bonke abafunga amanga bayakudingiswa.


Ngase ngithi: ‘Manje ngiyeza. Kulotshiwe ngami emqulwini wencwadi, ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ