Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 16:3 - IsiZulu 2020

3 uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade kulo iJerusalema, ithi: “Indabuko yakho nokuzalwa kwakho kuseKhanani. Uyihlo wayengumAmoni, unyoko engumHithi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova kulo iJerusalema, ithi: Ukudabuka kwakho nokuzalwa kwakho kungokwezwe laseKhanani; uyihlo wayengumAmori, nonyoko wayengumHetikazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 uthi: Isho kanje iNkosi uJehova kulo iJerusalema; Ukuzalwa kwakho nozalo lwakho kuvela ezweni laseKhanani; uyihlo wayengumAmori, unyoko engumHeti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 16:3
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Esemzele uThera, uNahori waphila iminyaka eyi-119, wabuye wazala amadodana namadodakazi.


U-Abhrama noNahori baganwa. U-Abhrama waganwa nguSarayi, uNahori waganwa nguMilikha, owayeyindodakazi kaHarana, owayezala u-Isikha.


Kuyothi isizukulwane sakho sesine sibuyele kule ndawo, ngokuba ukona kwama-Amori akukapheleliswa.”


Wenza okuningi okunengisayo ngokulandela izithombe nangakho konke okwakwenziwa ngama-Amori, uSimakade ayewaxoshile ngaphambi kwabantu bakwa-Israyeli.


“Ngenxa yokuba uManase, inkosi yakwaJuda, wenze lezi zinengiso, wenza okubi ukwedlula konke okwakwenziwe ngama-Amori ayephambi kwakhe, wonisa uJuda ngezithombe zakhe.


Sekwenziwe konke lokho, abaholi beza kimi, bathi: “Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi abazehlukanisanga kubantu bezizwe nasemikhubeni yabo eyenyanyekayo, eyamaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi, ama-Amoni, abakwaMowabi, abaseGibhithe nama-Amori.


“Wena unguSimakade, uNkulunkulu owakhetha u-Abhrama, wamsusa e-Uri lamaKhaledi, waguqula igama lakhe, waba ngu-Abhrahama.


Lalelani izwi likaSimakade, nina babusi baseSodoma. Nibeke indlebe esifundisweni sikaNkulunkulu wethu, nina bantu baseGomora.


Ukhokho wakho wokuqala wona, nabakukhulumelayo baphambukile kimi.


“Ndodana yomuntu, lazise iJerusalema ngezinengiso zalo,


Ekuzalweni kwakho, ngosuku owazalwa ngalo, inkaba yakho ayinqunywanga, awugezwanga ngamanzi ukuba uhlambuluke, awuhlikihlwanga ngosawoti, awusongwanga nakusongwa.


“ ‘ “Wena ufuze unyoko, owayenengwa yindoda yakhe, nayizingane zakhe. Ungudade owayenodadewabo, ababenengwa ngamadoda abo nabantwana babo. Unyoko wayengumHithi, uyihlo engumAmori.


Mayibuyiselwe emgodleni. Endaweni lapho wadalwa khona, ezweni owadabuka kulo, ngiyakukwehlulela khona lapho.


Kepha ngithi kini: kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma ngosuku lokwahlulela kunakuwe.”


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Ngakho-ke wayesethi ezixukwini eziza kuye ukuba azibhabhadise: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayisile ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.


Uyoyibhubhisa impela: uwabhubhise amaHithi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile,


“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni oya kulo ukuba ulidle, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHithi, amaGirigashi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi; izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


lonke izwe lamaKhanani, neMehara yamaSidoni kuye kufike e-Afekhi nasemngceleni wama-Amori,


“Manje mesabeni uSimakade, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nibasuse onkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho besengaphesheya komfula naseGibhithe, nikhonze uSimakade.


Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ