Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 15:4 - IsiZulu 2020

4 Lapho selufakwe emlilweni ukuba kubaswe izihloko zalo zombili sezidliwe ngumlilo, kanjalo nesiqu salo sesishile, ngabe lusenawo yini umsebenzi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bheka, uyafakwa emlilweni ukuba udliwe, ziqedwe ngumlilo izihloko zawo zombili, kuhanguke okuphakathi kwazo; usulungele umsebenzi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bheka, iphonswa emlilweni njengenkuni; umlilo udla imikhawulo yawo yomibili, nengaphakathi lawo liyasha. Ingabe ilungele noma yimuphi umsebenzi?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 15:4
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bawushise ngomlilo, bawunquma; mababhubhe ngokukhuza nje kwakho.


Umuntu onamandla uyoba njengenswani, nomsebenzi wakhe ube yinhlansi; bobabili bashe kanyekanye, akuyukubabikho ocimayo.”


Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.


Kungathathwa yini ukhuni kuwo ukuba kwenziwe ngalo okuthile na? Abantu bangawenza yini amahhuku okuphanyeka okuthile?


Uma ngesikhathi lusaphelele belungenamsebenzi walutho, kungenziwani ngalo lapho seludliwe ngumlilo, lwasha na?


“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘njengokhuni lomvini oluphakathi kwezihlahla zehlathi, engilunikele emlilweni ukuba lushe, kanjalo-ke ngizinikele izakhamuzi zaseJerusalema.


Umlilo uphumile esiqwini sawo, wadla amagatsha awo nesithelo sawo, akusalanga gatsha kuwo eliqinileyo, nantonga yokubusa.’ “Lesi yisililo; impela makube yisililo.”


“Ngababhubhisa abanye benu njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora; nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.


Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe.


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Kepha uma uveza ameva namakhakhasi, awunamsebenzi walutho, futhi kusele kancane ukuba uqalekiswe, ngokuba isiphetho sawo ngukushiswa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ