Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 13:9 - IsiZulu 2020

9 Isandla sami siyakumelana nabaphrofethi ababona okuyize nababhula amanga. Abayukuba semkhandlwini wabantu bami, ngeke balotshwe encwadini yendlu yakwa-Israyeli, futhi abayukungena ezweni lakwa-Israyeli, niyakukwazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami, bangalotshwa encwadini yendlu yakwa-Israyeli, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Isandla sami siyakuba phezu kwabaprofethi ababona okuyize namanga; Israyeli; nizokwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 13:9
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umphrofethi wayesethi kuye: “Nami ngingumphrofethi njengawe, kodwa kukhulume ingelosi kaNkulunkulu, yathi: ‘Mbuyise nawe, eze endlini yakho ukuze athole isinkwa, aphuze namanzi.’ ” Kepha umphrofethi wayeqamba amanga.


Nampa ababuya bevela eTheli Mela, eTheli Harisha, eKherubhi, e-Adani, nase-Imeri, kepha abakwazanga ukusho ukuthi bangabaziphi izindlu zoyise uma babedabuka kwa-Israyeli:


abozalo lukaDelaya, lukaThobiya nolukaNekoda babengama-642.


Labo ababefuna imininingwane yemindeni yabo, kodwa abayitholanga, ngakho-ke abafakwanga ohleni lwabaphristi, bathathwa ngokuthi kabahlanzekile.


Akukho namunye owenza inkohliso, oyohlala endlini yami, namunye oqamba amanga, oyokuma phambi kwamehlo ami.


Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.


Nkulunkulu, Wena uyabazi ubuwula bami, nezono zami azifihlakele kuwe.


Mhla uSimakade eloba izizwe, uyakubala ukuthi lo, wazalelwa khona. Sela


Ngafunga ngabo olakeni lwami, ngathi: “Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”


Kuyothi insali eseZiyoni nalabo abasele eJerusalema, bonke ababhaliselwe ukuthi basaphila eJerusalema, kuthiwe bangcwele,


Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngabaphrofethi abaphrofetha egameni lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyukuba bikho nkemba nandlala kuleli lizwe,’ bazokufa ngenkemba, nangendlala laba baphrofethi.


Simakade, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakujabha; abasuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uSimakade, umthombo wamanzi aphilayo.


Intukuthelo kaSimakade ayiyukubohla aze akwenze lokho, ayifeze inhloso yenhliziyo yakhe. Ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda nokukuqonda lokhu.


“Kuyakuthi ngalolo lusuku,” kusho uSimakade, “inhliziyo yenkosi idangale nezinhliziyo zezikhulu; abaphristi bayakumangala, abaphrofethi bathuthumele.”


Niyakufa ngenkemba, nginehlulele emingceleni yakwa-Israyeli; niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.


Imizi okuhlalwa kuyo iyakubhujiswa, izwe libe yincithakalo, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.” ’ ”


Ngiyakulubhidliza ugange enalugudula ngomcako, ngiluthele othulini, kwambuleke nesisekelo salo. Luyakuwa, nina enikulo niqedwe nya, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.


Ngakho anisayukukubona okuyize, anisayukubhula. Ngiyakubahlenga futhi abantu bami esandleni senu, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.” ’ ”


ngihlunge kini abahlubuki nabaphambukayo kimi, ngibakhiphe ezweni lapho begogobele khona, kepha abayukungena kwelakwa-Israyeli, niyokwazi ukuthi nginguSimakade.


“Ngaleso sikhathi uyakuvela uMikhayeli, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi. Ngalezo zinsuku abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


Uyokhubeka emini kwabha, nomphrofethi akhubeke kanye nawe ebusuku, ngimbhubhise nonyoko.


Abayukuhlala ezweni likaSimakade, u-Efrayimi uyakubuyela eGibhithe, badle ukudla okungcolileyo e-Asiriya.


Usho kanje uSimakade: “Ngabaphrofethi abadukisa abantu bami, abaluma ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ kuthi lowo ongabeki lutho emlonyeni wabo bavivele ukumthelekela ngempi.


Ngalokho ubusuku buyakunifikela, ningaboni mbono, ningabe nisabhula. Liyakubashonela ilanga abaphrofethi, usuku lube mnyama bhuqe kubo.


Nokho ningathokozi ngalokhu ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jabulelani ukuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”


Yebo, ngiyakunxusa nawe mhlobo wami oqotho, ukuba ubalekelele labo besifazane, ngokuba bahlanganyela nami evangelini, benoKlemente nezinye izisebenzi zami, amagama azo alotshiwe encwadini yokuphila.


nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMehluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,


Bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, bonke abamagama abo engalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu elahlatshwayo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


Isilo sabanjwa kanye nomphrofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo labo abemukela uphawu lwesilo nabakhuleka emfanekisweni waso. Labo bobabili baphonswa bephila echibini lomlilo elivutha isibabuli.


Ngabona abafileyo, abadala nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; kwase kuvulwa izincwadi; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngalokho okwakulotshwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ