Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHabakuki 2:9 - IsiZulu 2020

9 Maye, kulowo ozuzela indlu yakhe ngokungalungile inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuze azihlenge esandleni senhlekelele!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wo kuye ofisela indlu yakhe inzuzo embi, ukuze abeke isidleke sakhe phezulu, akhululwe emandleni omubi!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHabakuki 2:9
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo, ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawaqamba ngamagama abo.


“Bheka, nasi isiqhwaga esingazange simenze uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kodwa sethembela ebuningini bomcebo waso, sabambelela kakhulu ebubini baso.”


ngokuba nithe: “Senze isivumelwano nokufa, sivumelene nendawo yabafileyo; lapho isiswebhu esiyishoba sedlula, asiyukuza kithi, ngoba amanga siwenze ayisiphephelo sethu, sacasha phansi kwenkohlakalo.”


Maye kini enihlanganisa indlu nendlu, ninezelele insimu kwenye, kuze kungabe kusaba bikho ndawo, ukuze kube yini nodwa enakhe emhlabeni!


Owenza ingcebo ngokungalungi ufana nentendele echamusela ingazalelanga; iyakumshiya dengwane esaphile ingxenye nje yezinsuku zakhe, ekugcineni abe yisiwula.


Wena ohlala eLebhanoni, osidleke sakho sisemisedarini, uyobubula kanjani lapho sewuhelelwa, usunemihelo njengowesifazane obelethayo na?


Ukwesabeka kwakho nokuziqhenya kwenhliziyo yakho kukudukisile, wena ohleli emifantwini yamadwala, esicongweni segquma. Noma isidleke sakho ungasakha phezulu njengokhozi; ngiyakwehlisa khona lapho,” kusho uSimakade.


Wena ohlala ngasemanzini amaningi, nonengcebo eningi; isiphetho sakho sesifikile, isikhathi sokunqanyulwa kwempilo yakho njengomucu.


“Ngisho noma iBhabhele lingafinyelela esibhakabhakeni, liyiqinise inqaba yalo ephakemeyo, nokho ngiyakuthumela ababhubhisi, balithelekele,” kusho uSimakade.


Izikhulu zawo ezikuwo, zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuba zichithe igazi, zibaqede nya abantu, ukuze zithole inzuzo embi.


Noma ungaphakama njengokhozi, noma ngabe isidleke sakho singakhiwa phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona lapho, kusho uSimakade.


Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ