Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 9:15 - IsiZulu 2020

15 bese ngikhumbula isivumelwano sami phakathi kwami nani nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo. Izikhukhula zingabe zisaphenduka uzamcolo wokucekela phansi konke okuphilayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Khona ngiyakukhumbula isivumelwano esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; amanzi awasayikuba nguzamcolo wokuchitha inyama yonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngiyakukhumbula isivumelwano sami esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; futhi amanzi ngeke esaba uzamcolo wokubhubhisa yonke inyama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 9:15
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.


nakuzo zonke izilwane eziphilayo ezinani: izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nazo zonke izilwane eziphilayo emhlabeni enaphuma nazo emkhunjini.


Lesi yisivumelwano sami nani engithi ngaso: angisayukuphinde ngibhubhise yonke into ephilayo ngozamcolo. Akusayukuphinde kube khona uzamcolo ukuba ubhubhise umhlaba.”


Kuyothi lapho ngiwusibekela umhlaba ngamafu, kuvele uthingo lwenkosazana emafini,


wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, akekho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,


“Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, uhlale usigcina njalo isivumelwano sakho somusa. Yonke le nkathazo esehlelayo mayingabi ncane ebusweni bakho, thina namakhosi ethu, nezikhulu zakithi, nabaphristi bakithi, nabaphrofethi, nawokhokho, nabo bonke abantu bakho, kusukela ezinsukwini zamakhosi ama-Asiriya kuze kube namuhla.


Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe, wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe.


Uyowabeka lawa matshe ezizibeni zengubo yamahlombe njengesikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, bese u-Aroni awembathe amagama abo emahlombe akhe phambi kukaSimakade kube yisikhumbuzo.


Ungasideleli ngenxa yegama lakho, ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho; sikhumbule, ungasephuli isivumelwano sakho nathi.


Kepha Mina ngiyakusikhumbula isivumelwano sami nawe, sasemihleni yobusha bakho, bese ngikumisela isivumelwano saphakade.


ukwenzela okhokho bethu isihawu, nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele;


Yazi-ke ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano somusa kwabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ