Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 50:13 - IsiZulu 2020

13 Amadodana akhe amthatha uyise amyisa eKhanani, amngcwaba emgedeni osensimini eMakhaphela, u-Abhrahama ayewuthenge nensimu ku-Efroni umHithi, ukuze ube yindawo yokungcwaba, eduze naseMamre.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ngokuba amadodana akhe amyisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wasensimini yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yokumbela, ngaphambi kweMamre.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Amadodana akhe amngenisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wensimu yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nezwe, kube yindawo yethuna lika-Efroni umHeti phambi kweMamre.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 50:13
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Insimu nomgede u-Abhrahama akunikwa ngamaHithi kwaguquka kwaba yindawo yakhe yokungcwaba.


ukuba anginike umgede wakhe waseMakhaphela, osemngceleni wensimu yakhe. Makanginike le ndawo phambi kwenu, bese ngimkhokhela intengo yayo ephelele, ukuze ibe ngeyami yokungcwaba.”


U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.


Amadodana akhe u-Isaka no-Ishmayeli bamngcwaba emgedeni eMakhaphela osensimini ka-Efroni indodana kaZowari umHithi, empumalanga neMamre,


UJakobe wafika kuyise u-Isaka eMamre, iKhiriyathi Arbha, okuyiHebhroni, lapho u-Abhrahama no-Isaka babekade begogobele khona.


U-Isaka wafa, wangcwatshwa noyisemkhulu, esekhulile impela, amadodana akhe o-Esawu noJakobe bamngcwaba.


Ngizohamba nawe ukuya eGibhithe, futhi ngiyakukukhuphula lapho; yisandla sikaJosefa esiyokucimezisa.”


lapho sengilele kobaba, ubongithwala, ungikhiphe eGibhithe uyongingcwaba ethuneni lobaba.” UJosefa wathi: “Ngizokwenza njengoba ushilo.”


Amadodana ka-Israyeli enza konke ayeyalwe ngakho nguyise.


UJosefa wangcwaba uyise, qede wabuyela eGibhithe, nabafowabo, nabo bonke ababekhuphuke naye ukuyongcwaba uyise.


UManase walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa ensimini esigodlweni sakhe, insimu ka-Uza. U-Amoni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Babuyiswa eShekhemu, babekwa ethuneni u-Abhrahama ayelithenge ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eShekhemu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ