Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 49:22 - IsiZulu 2020

22 “UJosefa ungumuthi othelayo, ongasesiphethwini, omagatsha awo akhwela odongeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “UJosefa uyingatsha entsha ethelayo, ingatsha ethela ngasemthonjeni; amagatsha akhe akhwela odongeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UJosefa uyigatsha elithelayo, isihlahla sesithelo ngasemthonjeni; amagatsha awo awela odongeni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 49:22
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Eyesibili indodana wayiqamba wathi ngu-Efrayimi, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungandisile ezweni lokuhlupheka kwami.”


Amadodana kaJosefa azalelwa eGibhithe aba mabili, ngakho-ke bonke abendlu kaJakobe abaya eGibhithe babengama-70.


Emveni kwalezo zinto uJosefa wathola umbiko othi: “Uyihlo uphathekile.” Wayesethatha amadodana akhe omabili uManase no-Efrayimi ukuyombona.


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahambe phambi kwakhe okhokho bami o-Abhrahama no-Isaka, uNkulunkulu obe ngumelusi wami yonke impilo yami kuze kube namuhla.


Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


“Ngakho-ke lawa madodana akho amabili azalelwe lapha eGibhithe ngingakafiki, asengawami manje. U-Efrayimi noManase bangabami, njengoba kunjalo kuRubeni noSimeyoni.


Abacibayo bamhlasela kanzima, bembambele amagqubu, futhi bangamaciko okuciba.


Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade, ohamba ngezindlela zakhe.


Umkakho uyakuba njengomvini othelayo emzini wakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bahlale bazungeze itafula lakho.


Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo, nemisedari kaNkulunkulu, ngamagatsha awo.


Wawunamagatsha aqinileyo, aba yizintonga zababusi; isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamagatsha amaningi, wawubonakala ngobude bawo, nangobuningi bamagatsha awo.


“Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ