Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 49:11 - IsiZulu 2020

11 Ubophela ithole lembongolo yakhe emvinini, nethole lembongolo emvinini wekhethelo. Uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe ngegazi lezithelo zomvini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini, ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle; uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ubophela ithole lakhe emvinini nethole lakhe emvinini okhethiweyo; wageza izingubo zakhe ewayinini, nezingubo zakhe egazini lezithelo zomvini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 49:11
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amehlo akhe ayakuba bomvu yiwayini, amazinyo akhe abe mhlophe kunobisi.


OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula.


OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.


ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lokusanhlamvu nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo, lamafutha amasha neloju, ukuba niphile, ningafi.’ “Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho enidukisa ethi: ‘USimakade uzosisindisa.’


“Kuyothi ngalolo lusuku izintaba ziconse iwayini elimnandi, amagquma agobhoze ubisi, imihosha yonke yakwaJuda igeleze amanzi. Kuyakuqhuma umthombo endlini kaSimakade oyakunisela isigodi iShithimi.


“Bhekani-ke, ziyeza izinsuku, lapho olimayo eyakuficwa ovunayo, onyathela amagilebhisi aficwe ngohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini elimnandi, ligeleze emagqumeni wonke.


Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akekho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaSimakade Wamabandla ukhulumile.


Wadla izaqheqhe zemihlambi, ubisi lwezimvu, amafutha amawundlu, izinqama zohlobo lwaseBhashani, izimbuzi, namanoni kakolo wekhethelo; waphuza iwayini livela egazini lamagilebhisi.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uzakukungenisa ezweni elihle, izwe elinemifudlana enamanzi, imithombo, namanzi aphuphuma ezinzulwini, ageleze ezigodini nasezintabeni,


izwe likakolo nebhali, imivini nemikhiwane namahananadi, izwe leminqumo enamafutha noju,


Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni, laze lafika ematomini amahhashi, laqeda amastadiyu ayi-1 600.


ukuze nidle inyama yamakhosi, inyama yezinduna, inyama yamaqhawe, inyama yamahhashi neyabagibele kuwo, inyama yabo bonke abakhululekileyo neyalabo abayizigqila, abancane nabadala.”


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


esizwaneni sakwaSimeyoni beyizi-12 000, esizwaneni sakwaLevi beyizi-12 000, esizwaneni sakwa-Isakhare beyizi-12 000,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ