Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 48:20 - IsiZulu 2020

20 Ngakho-ke uJakobe wababusisa kanjalo ngalolo lusuku, ethi: “Ngawe u-Israyeli uyakubusisana athi: ‘UNkulunkulu makakwenze ufane no-Efrayimi noManase.’ ” UJakobe wambeka u-Efrayimi waba phambi kukaManase.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Wayesebabusisa ngalolo suku ngokuthi: “Ngawe u-Israyeli uyakubusisa ethi: ‘UNkulunkulu makakwenze ube njengo-Efrayimi nanjengoManase.’ ” Wayesembeka-ke u-Efrayimi ngaphambi kukaManase.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Wababusisa ngalolo suku, wathi: “Ngawe u-Israyeli uyakubusisa ngokuthi: ‘UNkulunkulu akwenze ube njengo-Efrayimi nanjengoManase; wabeka u-Efrayimi phambi kukaManase.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 48:20
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bambusisa uRibheka bathi: “Dadewethu, sengathi ungakhula ube ngukhokho wezizukulwane eziyizinkulungwane zezigidi, izizukulwane zakho zinqobe amasango ezitha zazo.”


Sengathi uNkulunkulu uSomandla angakubusisa, akwandise kakhulu, ukuze kuvele kuwe izizwe eziningi.


U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengizokufa, kodwa uNkulunkulu uzokuba nani, aniphindisele ezweni lokhokho benu.


Owesizwana sakwaJosefa, owesizwana sakwaManase: nguGadi, indodana kaSusi.


Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuyohlola izwe. UMose waqamba uHosheya, indodana kaNuni, ngokuthi nguJoshuwa.


Owesizwana sakwa-Efrayimi: nguHosheya, indodana kaNuni.


Ngosuku lwesikhombisa kwakungu-Elishama, indodana ka-Amihudi, umholi wabozalo luka-Efrayimi.


Ngosuku lwesishiyagalombili kwakunguGamaliyeli, indodana kaPhedazuri, umholi wabozalo lukaManase.


Ngokukholwa, uJakobe esezokufa wabusisa yileyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka eyeme esihlokweni sodondolo lwakhe.


Isizwana sabozalo lukaJosefa sakhuluma noJoshuwa, sathi: “Usinikeleni isabelo sasinye nengxenye eyodwa kuphela, ukuba kube yifa lethu, njengoba singabantu abaningi, futhi uSimakade eqhubeka nokusibusisa na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ