Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 48:14 - IsiZulu 2020

14 Kepha u-Israyeli welula isandla sakhe sokunene wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, owayengomncane, wabeka isandla sokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe ukuze asibeke kuManase owayeyizibulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Israyeli welula isandla sakhe sokunene wasibeka ekhanda lika-Efrayimi engomncane, nesandla sakhe sokhohlo ekhanda likaManase, eqondisa izandla zakhe ngokuhlakanipha; ngoba uManase wayelizibulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 48:14
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJosefa waliqamba izibulo lakhe wathi nguManase, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungenze ngakukhohlwa ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”


Eyesibili indodana wayiqamba wathi ngu-Efrayimi, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungandisile ezweni lokuhlupheka kwami.”


Kuthe uJosefa eseGibhithe wazala uManase no-Efrayimi ku-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni.


UJosefa wawathatha womabili, u-Efrayimi engakwesokunene eqondene nesokhohlo sika-Israyeli, uManase engakwesokhohlo eqondene nesokunene sika-Israyeli, wawasondeza kuye.


UJosefa wabona ukuthi uyise ubeke isandla sakhe sokunene phezu kwekhanda lika-Efrayimi, akwaze kwamthokozisa lokho. Wasithatha isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi asibeke kwelikaManase.


UJosefa wathi kuyise: “Hhayi kanjalo baba, ngokuba lona nguye oyizibulo, beka isandla sakho sokunene ekhanda lakhe.”


USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


Esokunene sikaSimakade siphakeme, esokunene sikaSimakade sisebenza ngamandla.


“Isandla sakho sokunene Simakade siyakhazimula ngamandla, isandla sakho sokunene Simakade sifihlize isitha.


Ibhanela lenkambu yakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; umholo wabozalo lwabakwa-Efrayimi kuyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi.


Uyosondeza abaLevi phambi kukaSimakade, abantu bakwa-Israyeli babeke izandla zabo phezu kwamakhanda abo.


Nokho ngizithathele abaLevi esikhundleni sawo wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli.


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.


Kwase kulethwa kuye abantwana ukuze abeke izandla phezu kwabo, abakhulekele, kodwa abafundi babakhuza.


Wayesebeka izandla phezu kwabo, qede wasuka lapho.


“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bayathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


Wabeka izandla phezu kwakhe, wayeselulama khona manjalo, wamdumisa uNkulunkulu.


Kwathi selishona ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nababekhwelwe yizifo ezehlukene; wabeka izandla phezu kwabo ngamunye, wabaphilisa.


Sebezilile ukudla, bakhuleka, bababeka izandla, babamukisa.


Babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo.


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Ungasidebeseli isiphiwo sakho, owasiphiwa ngezwi elaphrofethwa, nangokubeka izandla ngamalunga.


Ungaxhamazeli ubeke izandla kunoma ngubani, futhi ungahlanganyeli ezonweni zabanye, kodwa uhlale umsulwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ