Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 43:8 - IsiZulu 2020

8 UJuda wathi kuyise u-Israyeli: “Mdedele umfana ahambe nami, ukuze sivuke sihambe, yikhona thina sonke sizophila; singafi, thina nabantwana bethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJuda wathi ku-Israyeli uyise: “Thuma umfana nami, size sisuke, sihambe ukuba siphile, singafi, thina nawe kanye nezingane zethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wayesethi uJuda kuyise u-Israyeli: “Thuma umfana nami, sisuke sihambe; ukuze siphile, singafi, thina kanye nani, nabantwana bethu abancane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 43:8
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona ukudla eGibhithe. Yehlani, nisithengele okusanhlamvu khona, ukuze siphile, singafi.”


UJakobe wathi: “Indodana yami ayiyukwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, manje nguye yedwa osele, uma ehlelwa yingozi endleleni, niyokwenza ukuba ngiye kwelabafileyo nginomunyu.”


Sathi enkosini yami: ‘Sinaye ubaba osekhulile, nendodana esencane ayizala esegugile. Umfowabo sewafa, sekusele yona yodwa esiswini sikanina futhi uyise uyayithanda.’


Thina sathi: ‘Asinakubuyela lapho uma umfowethu omncane engahambi nathi, ngokuba ngeke sibubone ubuso balowo muntu uma umfowethu omncane engekho.’


“Ngiyakuyala, batshele ukuthi ngithi: ‘Zithatheleni nina nomkenu nabantwana benu izinqola lapha eGibhithe, nigibelise uyihlo nize naye lapha.


Ngakho-ke ningesabi, ngizoninakekela nina nabantwana benu.” Wabaduduza ngokukhuluma nabo kanjalo.


Kwaphuma nabendlu kaJosefa, abafowabo, nabendlu kayise, kwasala kuphela abantwana babo, nezimvu, nezinkomo zabo eGosheni.


Enye yezinceku zayo yaphendula yathi: “Makuthathwe amahhashi ayisihlanu kwasele lapho; isimo sawo siyafana nesixuku sonke sabakwa-Israyeli esisele lapha, nanjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esesiphelile; masithumele ukuze sibone.”


Uma sithi: ‘Siyakungena emzini,’ kunendlala emzini, siyakufela khona; uma sihlala lapha, siyakufa futhi. Ngalokho masihambe siye enkanjini yabase-Aramu; uma besiyeka, siyakuphila; uma besibulala, siyakufa.”


Ngase ngimemezela ukuzila ngasemfuleni i-Ahava nokuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizicelele indlela enhle nephephile, thina nabantwana bethu, nayo yonke impahla yethu.


Angizukufa; ngizophila, ngishumayele ngemisebenzi kaSimakade.


Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


Kodwa abantwana benu enithe bazoba yimpango, ngiyobangenisa kulo, balazi izwe enalilahla.


“Sengathi uRubeni angaphila, angafi; amadodana akhe ande kakhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ