Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 43:20 - IsiZulu 2020

20 bathi: “Mnumzane, sicela uxolo. Safika lapha ekuqaleni sizothenga ukudla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 athi: “O nkosi, ngempela safika kuqala ukuthenga ukudla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 bathi: “O, Nkosi, sehla okokuqala ukuzothenga ukudla.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 43:20
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bamphendula bathi: “Qha nkosi, izinceku zakho zize ukuzothenga ukudla.


Omunye kuthe evula isaka lakhe esikhungweni sokulala ukuba anike imbongolo yakhe ukudla, wafica imali yakhe emlonyeni wesaka.


Abafowabo bakaJosefa abalishumi behla bayothenga okusanhlamvu eGibhithe.


Kuthe lapho sebethulula amasaka abo, bamangala bonke lapho bebona ukuthi isikhwama semali salowo nalowo sisesakeni. Lapho bona noyise bebona ukuthi isikhwama salowo nalowo sisesakeni lakhe, bashaywa wuvalo.


Base beya enduneni eyayiphethe endlini kaJosefa eyayingasemnyango, bakhuluma nayo,


Kuthe lapho sesifike endlini yezihambi, sathi sivula amasaka ethu, kwaba yilowo nalowo wakhangwa yimali isemlonyeni wesaka lakhe, iphelele njengoba sasiyikhokhile, kodwa nansi ezandleni zethu siyibuyisile.


UJuda wathi kuye: “Lowaya muntu waseGibhithe wafunga wagomela, wathi: ‘Ngeke nibubone ubuso bami ngaphandle kokuba nibuye nomfowenu.’


Bathi: “Lowaya muntu wasibuza wasiphenya nangezihlobo zethu, ethi: ‘Uyihlo usaphila yini na? Ninaye yini omunye umfowenu na?’ Thina samphendula, samtshela konke ayefuna ukukwazi. Sasingazi ukuthi angathi: ‘Lethani umfowenu.’ ”


Omunye wabo wathi: “Bayede, nkosi, mina nalo wesifazane sihlala endlini eyodwa. Ngibelethe nginaye endlini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ